Mhleli
Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngithi ake ngibeke owami umuzwa ngeqembu lesizwe iBafana Bafana, ngisuswa indlela leli qembu elenza ngayo uma libhekene namanye amaqembu awontanga yalo, noma kungaba nzima kangakanani ukuthi sivume ukuthi empeleni thina kule lizwe asinalo iqembu lesizwe kodwa sinenhlangano nje eyabunjelwa ukudla imali yesizwe ngendlela ephucukile ngokukhuthuza abakhokhi bentela engabe isiza ukwelekelela abantulayo noma uhulumeni ayeke ukugolozela nokuqologa abasebenzi bakhe ngokungabakhuphuleli imiholo, nangokungabanikezi imihlomulo yabo uma beqeda unyaka ngoba ethi ayikho imali, kodwa bebe besebenzile, okunalokho yizona izikhulu neziphathimandla zikahulumeni nabangani babo abasondelene nabo kodwa zibe zingalethwa izidingo kubantu ngoba behlangene nalo Safa abadla nawo imali,
Akakwazi ukungangeneleli uhulumeni aphenye ukuthi yini ebanga ukuthi iqembu lesizwe angumnikazi walo phela lo hulumeni ngesabelo mali esingena kwezemidlalo.Okwenza ngisho kanje ukuthi uhulumeni uyangenelela uma kukhona okungamgculisi ngokuphathwa kwamaqembu ezemidlalo njenge-rugby, cricket namanye ngoba efaka imali kuwo, pho kungani angazihluphi uma iBafana Bafana inezinkiga ngandlela thize baphenye ukuthi lokhu kubangwa yini
Umengameli weSafa uMnuz. Jordaan akazange azihluphe ngokuza kwabezindaba ngoLwesithathu lmhla ka 31 Marhi ngo 12 emini ngesikhathi bezomemezela ukuxoshwa komqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki, kodwa wakhetha ukuthumela izithunywa ngoba esaba imibuzo azobuzwa yona abezindaba.
Nokuthi uma bexosha abaqeqeshi kodwa bona ababaqashayo baxoshwa nini.
Imibuzo okumele abhekane nayo uJordaan nethimba lakhe, mhla kwangena abantu abalaziyo ibhola nokuphathwa kwalo, nabanamaqembuu ahlonishwayo eNingizimu Afrika, noma abalidlalile ibhola ngokomlando kuyoba yingamhla le lizwe liba neqembu lesizwe elihlonishwa nakwamanye amazwe.
Mhlawumbe kuyomele le mali eya kwiSafa iyiswe emaqenjini ePSL nakoGlad Africa kuthuthukiswe namaqembu ebhola ngoba wona siyayibona into ayenzayo.
Mhlonishwa Nsele
EMgungundlovu