MHLELI: Ngithi ake ngidlulise indumalo yami kwiSolezwe ngengikubone kwidolobha langangikithi uMgungundlovu. Siyadumaza isimo sekomkhulu laKwaZulu-Natal.
Angazi noma yingoba sengihlala eThekwini kade ngagcina ukuyamaphakathi nedolobha. Bengijwayele ukuhambela ezitolo ezinkulu ezingaphandle kwedolobha. Akukho lapho kungcono khona, kungcole usuka phezulu esiteshini uze uyovala ngoMasukwana. Ungaphika ukuthi iPhalamende laKwaZulu-Natal liseMgungundlovu. Angazi noma labo sopolitiki abahlezi besePhalamende basuke beyokwenzani uma behlulwa ukulungisa indawo abasebenzela kuyo?
Laba bantu bengazilungisa kanjani izindawo ezikude le uma behlulwa ukulungisa indawo abasebenzela kuyo?
Izindawo lapho kuhamba khona abantu (ama-pavements) agugile futhi angcolile kunotshani nokhula kuyo yonke indawo. Amabhilidi nezitolo kugugile, akupendwa. Izitolo ezazinamagama amahle sezabaleka nezasala sekwaba amatwengutwengu, kuyalenga nje ngenxa yobunuku. Uba namahloni ngisho ukuthatha umuntu oyisivakashi uyomkhombisa idolobha.
Ngangivakashele e-England ngonyaka odlule ngaphatheka kabuhlungu ngitholana nomlungu owayengusomabhizinisi kuleli dolobha ethi wabaleka ngenxa yobunuku nokunganakekelwa kwaleli dolobha.
Ngifisa sengathi uhulumeni wethu angathatha la makhansela nezimeya zakhe okukhohlakele, ayozibukisa kwamanye amazwe ukuthi kusetshwenzwa kanjani. Uma ungathi kukhona umasipala noma abaphathi abaphethe leliya dolobha laseMgungundlovu kungathiwa unamanga. Yini ehlula ukuthi kusikwe utshani kucentwe ukhula kuthuthwe udoti ogcwele lonke idolobha, kuhlawuliswe abantu abangcolisa idolobha nosomabhizinisi abangalungisi izindawo zabo?
Shiyenye Mkhize
Ethawini