Akukuningi engifisa ukukwazi engithemba ukuthi nabanye banesifiso esifanayo ngaphandle kodaba lohlelo lokuqasha othisha. Kube nezikhangiso kusuka ngoFebhuwari mayelana nokwandiswa kothisha abazoqashwa kodwa kuze kube manje asikaze sabona ngisho esisodwa isikhangiso somsebenzi njengokuthembisa kukangqongqoshe ngesikhathi ethula uhlelo lwe-APP nayo engakaze yasebenza.
Uhlelo obelusetshenziswa olubizwa ngeData Base alusasebenzi manje, inkinga isekutheni njengoba iData Base ingasasebenzi ne-APP singakawuboni umsebenzi wayo kusho ukuthi kuyafana nokuthi nayo ayisebenzi.
Esifisa ukukwazi ukuthi othisha abaqashwayo kulesi sikhathi samanje baqashwa kusetshenziswa luphi uhlelo.
Phela siyababona abanye ozakwethu ebesibhuquza nabo beqashwa ngapha nangapha ikhalukazi kulesi sikhathi esinzima sesifo ehlihlasele iCorona kwazise badingeka kakhulu othisha kulesi sikhathi ngoba umthetho uthi abafundi mabangabi ngaphezu kwabawu-20 emagunjini okufundela.
Lindokuhle Mgenge
Umholi wothisha abangasebenzi ngaphansi KweKing Cetshwayo District