MHLELI: Ngibhala ngenxa yokuphatheka kabi mayelana nezinto zokuthutha umphakathi waseRockville, Soweto. Umphakathi uma uya edolobheni usebenzisa amatekisi nawo ahlukene kabili kodwa ahluleka khona kunjalo.
Ngizoqala ngalawa akhokhisa R16 ahlale egcwele nje uma edlula eMoroka Police Station, angaphela amahora amathathu ulokhu ukhombe phezulu. Bese kuzoba akhokhisa R15.50.
Kumele uhambe imizuzu engamashumi amathathu uya lapho egitshelwa khona, into enzima kithina esihamba kusempondozankomo. Nobugebengu buningi eSoweto kodwa kuthukela nje uyithole eduzane. Ngibona kufanele ngabe ayabahlangabeza abantu ngaso sonke isikhathi.
Esiwabonayo yilawa asendaweni asivusa noma silele. Angazi ukuthi yini eyenza ukuthi lawa aya eGoli angabukeli kulawa asendaweni.
Siyafana nabantu abangenamatekisi eRockville. Bese ngiza kwiRea Vaya. Ungawabona ephithizela impela uze wethembe usengaphandle. Ngena-ke ngaphakathi esiteshini uzodela, mancane amahora amathathu ulindile.
E-T1 yakhona azoqhamuka kodwa angami eThokoza Park, adlule ngehubo. Emva kwamahora amabili kungene eyodwa, nakhona ithathe abantu abangamashumi amabili nanhlanu ngoba ilawulwa wumthetho womvalelandlini. Nihlale nilinde amanye amahora amaningi. Niyawabuka njalo afike ajike khona eThokoza Park abuyele edolobheni engenamuntu.
Uma ubuza ukuthi kungani esibona sibangaka engasithathi bakuphendula ukuthanda kwabo nje abasebenza khona. Okufike kusixake wukuthi uma siya edolobheni ayasidlula kuthiwa ayolayisha eThokoza Park, uma siseThokoza Park asidlule ethi ayolayisha edolobheni.
Ngokwami ngibona sengathi abaphathi bawo bavele bathathwa nje bafakwa emsebenzini bengazi lutho.
Uma ibhasi nebhasi ingalayisha abantu eThokoza Park ingabashiyi abantu ibabona, ibuye futhi ibalayishe nasedolobheni ingabashiyi, ingaphela le nto yokugcwala kwabantu eziteshini ngoba ayikho ibhasi ezobe ishiya abantu.
Le nto yabo isenza sephule umthetho kahulumeni wokuqhelelana ngenxa yamabhasi akwaRea Vaya. Ngibona iMoroka, Thokoza Park, Dlamini neRockville benelikhulu ishwa mayelana nezinto zokuthutha eziphethwe ngabantu abangawuqondi umsebenzi wokuthutha umphakathi.
Ngiyacela uNgqongqoshe uFikile Mbalula avakashele eThokoza Park kusukela seligamanxe ihora lesithathu ntambama khona ezobona ngikhuluma ngani.
Akafike angangeni ngaphakathi esiteshini ahlale ngaphandle abale amabhasi adlula engalayishi lapho abantu benyathelana ngaphakathi bewalindile abese ebona-ke ukuthi umthetho wokuqhelelana kasiwephuli ngenhloso.
Okhathazekile
EThokoza Park, eSoweto