INCWADI: Tipping Point
UMHLELI: Raymond Parsons
ABASHICILELI: Jacana Media
ININGI labantu eNingizimu Afrika liyaviva lihlelela usuku lokhetho lwangoMeyi 29. Ziningi izingcithabuchopho ezihlaziya futhi zikhalima abantu ngesimo sezepolitiki njengoba sekuseMome ukuthi izwe liye okhethweni. Bangaphezulu kuka-15 ababhali bezihloko ezehlukene abalobe amakhasi ahlukene encwadini ethi Tipping Point, umhleli wayo nguRaymond Parsons.
Ngokusho kukaRaymond, nonyaka angaphezulu kuka-24 amanye amazwe azoba nokhetho kanti iNingizimu Afrika, izoqeda iminyaka ewu-30, kwathatha umbuso wentando yabantu. Kudela owaziyo ukuthi yiliphi iqembu lezepolitiki elizodla umhlanganiso.
Nonyaka maningi amaqembu amancane angenele ukhetho futhi angenza umahluko ngasekulawuleni kombuso wezwe uma ezokwenza izivumelwano zokudlela ndawonye namaqembu amakhulu. Okungacaci wukuthi zihlelwa kanjani izivumelwano zokulawula ngokubambisana ngoba eziningi zibhuntsha ukungapheli ngisho nonyaka zisayiniwe ngamaqembu athintekayo.
Abanye ohulumeni bamazwe ahlukene baholwa ngamaqembu ahlukene ngenhloso yokuvikela imibono yezombusazwe ehlukene futhi lokho kwamukelelikile ngaphansi kwenqubo yombuso wentando yabantu.
UParsons usebhale izincwadi eziningi ngezombusazwe okubalwa ethi Recession, Recovery and Reform: South Africa after Covid-19, Good Capitalism, Bad Capitalism: The Role of Business in South Africa, nezinye.
Phakathi kwezinselelo izwe elibhekene nazo kubalwa nokucwila ezikweletini. Phela iNingizimu Afrika isibolekwe imali eningi yi-International Monetary Fund (IMF) kanti kuthiwa isikweletu singase sifinyelele ku-85% weGross Domestic Product (GDP) ngo-2028.
Iqembu elizonqoba lizoba nejoka lokuthi libhekele umnotho wezwe futhi liqinisekise ukuthi izikweletu ziyakhokhelwa, linxenxe abatshalimali ukuthi bashaye amaphakethe bafake imali emnothweni weaseNingizimu Afrika.
Incwadi iyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books https://exclusivebooks.co.za