MHLELI: Isicelo sami sinye vo. Ngicela iSilo silamulele abantu baso baphume ebumnyameni. Kuningi kakhulu okonakele nokubulala indlu emnyama ehleli emanzini amnyama aphethuzwa izihlakaniphi.
Zibonda udaka ngobhoko olubazwe izandla ezimnyama. Ngicela kulungiswe indaba yelobolo, selenziwa ngezindlela eziningi ezididayo. Sicela indlela kaShepstone ibhekisiswe mhlawumbe siyobona ukuthi kwaphambuka kuphi. Uthola ukuthi abazali bakho abazange bagcagca kodwa bashada ngesilungu.
Ubiza isibongo sikayihlo kodwa idlozi lakomalume likubala nezingane zalo. Wena uqhubeke nesibongo sikayihlo kodwa impumelelo ungayitholi. Icala elikabani? Kothiwa izono zabazali ziwela ezinganeni, ngiyaphika ngoba kungenzeka ukuthi abazali batshelwa izihlakaniphi ukuthi umshado wasesontweni iwona obalulekile.
Bachitha izindodla zezimali, bashiya okwabo ngoba kuyalibazisa. Kunezinto ezibukeka zizinhle kodwa eziyisichitho ezizukulwaneni ezilandelayo. Angisho ukuthi alincishiswe ilobolo kodwa asenze okukodwa okufanayo futhi kubhalwe phansi indlela eyamukelekile futhi engeke yashiya imindeni ilambile ixabene. Kubhekwe izinto ezibalulekile kwilobolo futhi ezinomthelela ekukhuleni kwezizukulwane.
Ngokwami, okubaluleke kakhulu yinkomo kamama, ekababa, eyokwemulisa kanjalo nezokugcagca. Asingasuki-ke lapho bese siyobiza imali kaShepstone enkulu lezi zinkomo ziphelelwe indawo kanti ziwusiko olunomthelela empilweni. Ngeke wagcagca umzali wakho engagcagcanga, ngoba uma engasekho emhlabeni usuke esezidinga lezi zinto ukuze athole ikhaya nomndeni.
Izilwane zokukhipha nokufaka umalokazane asingazikhohlwa ngoba phela wonke umuntu unabantu bakhe abamphethe okufanele baziswe ukuthi uyaphuma la uyangena la. Sibona kugqanyiswa isithembu kodwa okuvelayo nokuhlaza uZulu ukuthi izinsizwa aziqedile ukulobola, umuzi awukho.
Kungani kungagqanyiswa ukulobola nokugcagcisa ngoba ukukhula nokuphumelela kwesizukulwane esizayo kulele esikweni lethu maZulu.
Xolani Majola
E-KZN