INCWADI: Is the party over?
UMBHALI: Oscar Van Heerden
ABASHICILELI: Jacana Media
AKUYONA imfihlo ukuthi i-African National Congress (ANC), iyabhacaza. Lokhu kuvele obala ngesikhathi isala incela iminwe ngemva kwemiphumela yokhetho loHulumeni baseKhaya. Ukubhimba kwezinhlelo zenhlangano ezweni kubonakale ngesikhathi ilahlekelwa ngomasipala abaningi okubalwa nesikhondlakhondla iJohannesburg. Kepha, kwenza umuntu akhexe umlomo uma kudalulwa yilungu le-ANC, eliyazi ukusuka nokuhlala imigomo nenqubo yenhlangano.
U-Oscar Van Heerden, umlobi wencwadi ethi Is the party over, uyilungu eliqavile le-ANC futhi uneqhaza elimqoka kwamanye amakomiti enhlangano.
Ukuhlaba akuhlikize ukuziphatha kwamalungu enhlangano yakhe, okuhlanganisa ubuqembuqembu, ukuba ngamabhoklolo nokulwela izikhundla ngezindlela ezishayisa amakhala.
Ulandisa ngezigigaba ezenzeka ngoDisemba 2017, okhethweni lobuholi obusha be-ANC eNasrec. UVan Heerden udalula ukungena ngembobo yenaliti kukaMnuz Cyril Ramaphosa esikhundleni sokuba nguMengameli we-ANC. Kuyaziwa ukuthi uRamaphosa wawina ngamaphoyinti ambalwa ehlula uDkt Nkosazana Dlamini, owayethwelwe ngeqoma ngabeRadical Economic Transformation (RET).
Udalula izigigaba ezenzeka ngaphakathi enhlanganweni, yena acabanga ukuthi zifakele inhlangano amashwa. UVan Heerden, uthi kusukela ngo-2016, wayeseka uRamaphosa ukuthi angene esikhundleni ngethemba lokuthi uzoqeda inkohlakalo ngoba uyisicebi ngakho ngeke athatheke kalula.
"Ngangilwela ukuthi i-ANC ibuyele kulokho esiyazi ngakho, okwalahleka ngesikhathi bequmba phansi uThabo Mbeki ngo-2007. Ngangeseka uRamaphosa, impunyela ngoba nginesiqiniseko sokuthi ngeke alutheke kalula ngenkohlakalo ngoba unemali," kubhala uVan Heerden, ekhasini 23.
Ugxeka ukuba nhlakanhlaka kwamalungu e-ANC, ukuba ngogombela kwesabo kwabaholi abamele i-ANC emiphakathini ehlukene ezweni. Ukuvalwa kwezwe ngenxa yokugasela kweCovid-19 kwadala izinkinga eziningi kwezomnotho, nokunye. Kepha isigameko esenzeka epulazini likaRamaphosa, iPhala Phala, sashiya abaningi bekhexile abanye bethi kumele ashenxe esikhundleni. Yikho okwenza ukuthi umengameli agenwe yitwetwe emadolweni ngoba uMvikeli woMphakathi wamphonsa imibuzo angayiphendulanga ngokugculisayo.
"Kwase kucacele noma ngubani ngoDisemba 2022, ukuthi uRamaphosa uzokwesula esikhundleni sakhe sokuba ngomengameli wezwe. Kepha wancengwa yizethenjwa zakhe kwiNEC (National Executive Committe) ukuthi angesuli," ekhasini 39.
Kuyaziwa ukuthi uRamaphosa uphathe isikhundla ngesikhathi esibi kuhlasele iCovid, kwaba nezibhelu ngoJulayi 2021, ayiphathwa eyokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, nokuqubuka kwemibuzo ngeziphakamiso zeJaji uRaymond Zondo okubukeka zishawa indiva. Umbuzo uthi ngabe izophumelela yini i-ANC ukulawula izwe? Ukhetho lwangoMeyi 29, 2024 seluseMome futhi akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni?