NGIYATHEMBA ningene kahle onyakeni omusha. Konje nithe uyanicika lo mbuzo? Pho sizokwenzanjani ngoba sesijwayele ukubuzana phela ukuthi singene kanjani?
Sethemba ukuthi imali isekhona emabhange akekho ozosibelesela ngeklabishi nophuthu, ngoba imali siyisebenzisa kahle.
Ngiyacela njengoba kuqala unyaka sihlele kahle imali yethu, ukuze sazi izidingo ezinqala, izinto ezingenasidingo esichitha kuzo imali, siphinde songe.
Kubuhlungu ukubona abantu beme kolayini abade ababheke komashonisa beyoboleka imali yokuya emsebenzini neyokuthenga umfaniswano wesikole sezingane.
Ngangicelile ngoDisemba ukuthi, anothi uma senithenga inyama, iziphuzo negilosa bese nithenga nomfaniswano wesikole.
Kulo nyaka ngicela sizwane nabangani esizodlala nabo izitokofela zokulondoloza imali. Ngisho noma ungaqala ngokubeka uR100 ngenyanga, leyo mali iyawenza umehluko.
Imali ayibekwa ngumuntu osebenzayo kuphela kodwa nabahola imali yesibonelelo kahulumeni bangabeka noma uR20 ngenyanga, ozokwazi ukubalekelela ezidingweni zabo.
Ngiphatheka kabi uma ngibona odadewethu begcwele ezinxanxatheleni zezitolo uma kuphela inyanga, sekungene imali.
Ngiye ngizibuze ukuthi ngabe babeka malini nokuthi baphoqelekile yini ukuyokhithiza ngosuku lokuqala enyangeni.
Kulo nyaka ngiyacela ukuthi sonke sifunde ukulondoloza imali, lokho okuncane esikutholayo kufanele sikucaze kahle kube khona imali esiphila ngayo nemali esiyilondolozayo.
Siyazi ukuthi umnotho wezwe awukhuli kahle ngakho kudingeka ukuthi sonke sizame ukuwuhlelela ngokucophelela. Okokuqala esingakwenza wukuthi sizame ukonga imali bese sisukuma siyofesa sifune imisebenzi noma sivule amabhizinisi ethu.
Akusimina ngedwa onigqugquzelayo ukuthi nonge imali, nesazi kwezomnotho kwa-Efficient Group, uMnuz Dawie Roodt, sicele abantu ukuthi bonge ngoba izwe lingase lingene kwinzikamnotho.
URoodt uthe abantu bakuleli bakweleta uR1.8 trillion, okusho ukuthi abaningi abakwazi ukuzikhokhela kahle izikweletu zabo.
Ngiyanicela ukuthi nibophe izifociya, ningaboleki imali komashonisa ngoba vele ngeke yande imali uma sekuphela inyanga, zamani ukuphila ngamasentshana akhona njengamanje.
Kubalulekile ukuthi sizazi izimo zethu sezikweletu ukuze sizihlelele ukuzikhokha ngesikhathi esifanele nokuthi sikwazi ukuthenga enye impahla ezosakhela ikusasa elingcono.
Uma ufuna ukwazi ngesimo sakho sezikweletu ungathinta izinhlangano ezihlukene okubalwa iTransUnion ku-0861 482 482 noma ku-www.transunion.co.za naku-www.clearscore.com
*Ngiyaphinda ngiyanixwayisa ngokutshala imali ezinkampanini ezinithembisa inzuzo engakholakali. Uma ningenaso isiqiniseko sokuthi inkampani enitshala kuyo imali isemthethweni noma cha ngicela nithinte iFinancial Sector Conduct Authority (FSCA) okuyiyona elawula izinkampani ezisebenza ngemali eNingizimu Afrika.
I-FSCA itholakala ku-0800 110 443 noma ngokuvakashela iwebsite yayo ethi www.fsca.co.za.
*Ngithintwe ngumthengi obefuna ukuthenga igolide kwenye inkampani manje efuna ukwazi ukuthi ngabe isemthethweni yini.
-Uma inkampani ithi idayisa igolide noma okunye okumbiwa phansi ngiyacela nithinte iFSCA nibone ukuthi leyo nkampani ivunyelwe yini ukudayisa leyo mpahla ethi iyayidayisa nokuthi umsebenzi ewenzayo usemthethweni yini.
-Mina ngazi ukuthi igolide limbiwa ezimayini kodwa zikhona nezinkampani okuthiwa zinegunya lokulidayisa kuhle ukwenza isiqiniseko sokuthi zivumelekile ukwenza lo msebenzi ngaphambi kokutshala imali yakho kuzona.
*NgoDisemba bengifonelwa ngabantu bekhala ngezitolo ezibadayisela ukudla okubolile nefenisha engekho sesimeni esifanele.
-Uma udayiselwe ukudla okubolile kubalulekile ukuthi uqale ufake isikhalo kuleso sitolo esikudayisele ukudla okubolile. Uthinte nehhovisi labathengi baso ngaphambi kokuthi ungishayele ucingo. Mina ngingenelela uma kuwukuthi abakusizi ngalutho.
-Uma uthenge ifenisha engekho esimeni esikahle nakhona kufanele uqale ufake isikhalo esitolo. Uma bengakusizi, usungaxhumana nami.
-Ungayithinta iConsumer Goods and Services Ombudsman (CGSO) etholakala ku-0860 000272 noma ku-www.cgso.org.za
* Uma unenkinga edinga usizo lwezabathengi ungathumela i-email [email protected]