MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lokuza nesu elingasetshenziswa ekuvikeleni izingane zingathelelani ngeCovid-19.
Mina umbono wami uthi izinyunyana zothisha azingaphikisi ukuvulwa kwezikole kodwa azize nesu elingasetshenziswa. Ziningi izinkinga ezizodaleka uma abafundi bengeke besabuyela esikoleni. Kuzodaleka amaphara, osikhotheni nayo yonke inhlobo yezigangi ongayicabanga uma abafundi bengabuyeli ezikoleni.
Umphakathi, othisha, osolwazi bezemfundo abahlangane kubhekwe indlela eya phambili. Imfundo ngumgogodla wempilo. Njengoba zihlezi emakhaya izingane zenza imikhuba eminingi, vele zizothelelana ngoba zidlala ndawonye.
Ntabeni Umfana Wentaba
EHammarsdale