KUYISONTO lokuqala kuMasingane; ake sisinge okuhle emahheledleni ezinhliziyo zethu.
Ukungacwaningi nokumpampathekiswa yidumela, kunobungozi ekufiphaliseni ukubaluleka kwalokho okuhle ngathi. Okunyantisa igazi yikho ukuthi kuze kube yimanje, akekho obukela esikompilweni lwethu kodwa yithi esingomantanta nendishi. Siyethekela sikhangeze. Lokhu sekuphenduke isikompilo lethu.
Yini eyichilo ngomgcagco esigcawini ziwubeke kuhlobe amagquma? Yini eyihlazo ngokukhehla kwentombi esikhundleni sokuyishutheka indandatho esitolo sokudla? Yini egqugquzela lolu hlobo lokuphila ekubeni sinazo izindlela zethu ezinenhlanzeko nesizotha?
Ngonyaka ka-1559, iNdlovukazi uMary yaseScotland, iyogcagcela insizwa yaseFrance, uFrancis Dauphin, yagqoka ingubo emhlophe. Kwase kuthi ngoFebhuwari 10, 1840, iNdlovukazi uVictoria iyogcagcela uMntwana u-Albert nayo, yahloba ngayo ingubo emhlophe. Yaqala yaduma kakhulu ingubo emhlophe, kwagcina sekubukeka sengathi, ngisho nangokwenkolo, yiyo emukelekile kunezinye izindlela zokugcagca.
Lokhu kwagcina sekufaka ingcindezi nokuba mathinta nyawo kubantu bakithi ngesiko labo, kwangathi yinto yobumnyama. Namhlanje sizithola sigaxele ezindlekweni zokwenza imigcagco emibili kodwa abezizwe abayingeni leyo, benza okwabo. Kodwa kuseyithi futhi esibhekene nobubha, safundiswa ukuthi kunobhongoza okumele umsebenzele, sakhohlwa wukufuya nokutshala. Njalo uma kusuka izivunguvungu, kusiphuka izimpande zesiko lesidalwa esinsundu.
Muzi wakwethu, ake nishanele amagceke ezinhliziyo maqede nisinge okungokwenu, kuyisibusiso ukuba nsundu. Alikho iphutha elenzeka ngokudaleka kwethu. Imigcagco; wukukhuliswa kwabantwana; ukuhutshwa kwamahubo nemivumo yemindeni nesizwe, kuyisikhonkwane kithi. Kuba buhlungu lapho ubona abezizwe bethatha amagugu namafa ethu bewasebenzisela inzuzo. Amanye bewagcina njengento yabo, thina silibele wukuhlekana, sidicilelana phansi.
Ukungazithandi kuyinto eyodwa nokuthakatheka. Sesingaze sincetheze nangobuzibulo bethu pho? Phezu kokulahlekelwa yizinkomo nezwe, besingezame okungenani ukugcina indlela yokuphila kwethu ihlanzekile? Isihlahla noma singathela kangakanani kodwa mhla sehlukana nezimpande zaso, kuphelile ngaso.
Umsebenzi ofana nomgcagco uyinto ejule kabi futhi engadingi ukumataniswa namanye amasiko njengoba nezinye izizwe zenza isiqiniseko sokuthi ziyakugcina okwazo. Ingcabha ke ingakuwo uMnyango wezeMfundo. Kunesidingo esikhulu sokuba zishuthekwe izimfundiso ezingqondweni zabantwana uma kuwukuthi lisaphethwe ngentando yeningi izwe.
Kufanele ngabe kunezinhlelo eziqondene ngqo nokuvuseleleka kwemisebenzi efana nembeleko; umhlonyane; eziqondene nomfana uma eshaywa yizibuko; umemulo noma umgonqo. Kufanele zichazwe ngokwezigaba nembaluleko yazo kanye nomthelela wazo empilweni jikelele, kunokuthi sichithe isikhathi esiningi sifunda ulimi lwenkinsimane. Lishonile ilanga bakwethu! Qaphelani ningaphoseki emgodini nibhekile. Makwande!