MHLELI: Kwelakho eliphuma nsuku zonke futhi elingangiphuthi, ngicela ukubonga isenzo esihle esinobuntu esenziwe ngamalungu enhlangano yabamatekisi iSantaco.
Abantu bamatekisi kuhlale kubhalwa izinto ezimbi ngabo, siyabonga ukuthi Isolezwe lisivezele uhlangothi oluhle noluncomekayo lwabasembonini yamatekisi.
Into encomekayo kulolu daba oluphume ephepheni langoLwesine ngukuthi ukudla okuthengwe ngabamatekisi ngukudla okusezingeni eliphezulu kakhulu.
Ngeke ngiyigagule ngegama imikhiqizo abayithengile kodwa okugqamayo ukuthi bathenge imikhiqizo nabo abayidlayo emakhaya abo, abazitshelanga ukuthi abathenge into ebhedayo ngoba nakhu bethengela abantu abahlwempu.
Kuyaye kubange amahloni uma ubona izijumbana zokudla ezinikwa abantu abahlwempu njengoba kuhlasele iCorona.
Iningi lezijumbana kuyaye kutholakale ukuthi sezidlulelwe yisikhathi kumbe zigcwele izibungu.
Iningi lokudla okutholakala kuzona wukudla ongakaze ukubone ngisho nakwaMadala eJudeni.
Bese uyazibuza ukuthi ngempela kusuke kuthathwephi lokhu kudla okunikwa abantu abaxakekile bekunikwa ngabantu ababavotela.
Osomatekisi siyazi ukuthi nabo bakhahlamezekile ngenxa yeCovid-19 kodwa lokho akubafingqanga izandla zabo ukuthi banikelele abantu abaxakekile.
NeBhayibheli liyasho ukuthi sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo. Lokho akusho ukuthi owamukelayo akabusisiwe kodwa kuchaza ukuthi naye ubusisiwe kodwa obusiswa kakhulu ngophile.
Siyabonga kumalungu eSantaco ngokwelula isandla engabheke nzuzo. Abalindele ngisho ukuvotelwa lokhu.
Siyathemba osopolitiki bazofunda isifundo kulesi senzo samalungu eSantaco.
Nalabo ababukela phansi abamatekisi siyathemba ukuthi manje sebezobahlonipha babathathise okwabantu abanobubele nozwelo.
Ngicela sikuyeke ukubabukela phansi sibabize ngawo wonke amagama amabi.
Siyabonga kwiSolezwe ngokuqhakambisa okuhle okwenziwa ngabamatekisi. Niyakhombisa ukuthi niyiphephandaba elikujabulelayo ukunika abafundi benu izindaba ezinohlonze nezakhayo.
Belingaqali Isolezwe ukubika ngokuhle nokwakhayo okwenziwa ngabemboni yamatekisi. Phambilini lake lasibikela ngabamatekisi abanikelela izingane ezihlwempu ngezincwadi nangemifaniswano yesikole.
Sicela Isolezwe liqhubeke nokusiphakela izindaba eziqhakambisa ubumbano nenqubekela phambili kubantu.
Impela into enhle iyanconywa ngifisa abamatekisi baqhubeke nezenzo zabo ezinhle, kuthi okubi okwenziwa ngamalungu abo bakunciphise.
Mathanda Khambule
ENANDA