ININGIZIMU Afrika ibheke kumhlaka 27 Ephreli lapho kuzobe kugujwa khona iminyaka engu-30 yeNkululeko.
Lolu suku lufika-nje abantu abaningi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya bakhala bengashayiwe uma bebheka isimo abahlala kuso.
Ukwentuleka kwamanzi, yinkinga okubonakala ukuthi kusekude ilungiseke. Miningi imizi enompompi kodwa bafana nezinto ezihlobisile emagcekeni ngoba bomile. Phambilini amanzi ayefika isonto lonke ekuqaleni kwenyanga, kodwa manje, awasabonwa nhlobo
Lesi simo sokwentuleka kwamanzi sihlula ngisho eselethwa ngamaloli, lapho abantu balikhomba phesheya balinde nemigqomo ukuthi lizofika nakubona, kuphelele emoyeni ngoba ahambela izindawo ezithile, ezinye azishalazele.
Lokhu kuvame ukwenzeka uma ikhansela lendawo lingelona ilungu leqembu elilawulayo kulowo masipala. Iwadi lalelo khansela lisuke lisenkingeni, okungelula ukuthi ixazululeke ngoba kuvuka umbango wokuthi kuhanjiselwa labo abavotela uhulumeni kamasipala.
Wena weqembu elihlukile, uzolokhu uthalaziswa utshelwa ngogandaganda abaphukile, amaloli amanzi amancane.
Yinini lapho uhulumeni othatha izintambo kumasipala enquma khona ukuthi izindawo azengamele akazukuzinika izinsiza ngokufanayo. ngoba nakhu kunamakhansela amanye amaqembu.
Awukho na umgomo wokuthi uhulumeni ophethe usiza wonke umuntu ngokulinganayo ngoba wonke umuntu uyefana ngaphansi kwakhe.
Ukhona lo mkhuba osuvamile kosopolitiki, izakhamuzi zifike zivotele iqembu elihlukile ngokuthanda kwazo, kuhlale izinyanga ezimbalwa, uzozwa sekuthiwa kushintshwe imeya ngevoti lokungabethembi ubuholi.
Isimo esinjalo nesakhalisa abantu abaningi senzeka lapha kuMasipala waKwaMaphumulo, okhethweni lohulumeni basekhaya kwanqoba iqembu le-IFP.
Akuphelanga sikhathi, kwahlala umkhandlu ngevoti lokungabethembi ubuholi bemeya, yakhishwa kwangena i-ANC.
Kulo masipala kwabuyiswa imeya eyayikhishwe okhethweni, okusho ukuthi kwasebenza izwi lezakhamuzi, kodwa lahlehliswa kwasebenza ipolitiki.
Ekurhuleni, kudlalwa umlabalaba, kukhishwa le meya, kufakwa le, nithi nisabheke okungcono okufika nemeya entsha, uzwe kuthiwa kuhlala umkhandlu ngevoti lokungabethembi ubuholi bayo kuzongena enye.
KuMasipala weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ubambelele ngamazipho ngoba naye sebake bamzama izikhathi eziningi, kwasho kona ukuthi bayahluleka ukumnemba.
Umbuzo uthi, yini inhloso yokuthi izakhamuzi zivote ngokuthanda kwazo uma osopolitiki bezoqhamuka namasu okwenza abakuthandayo uma sebethole izihlalo ebuholini?
Uzonqandwa kanjani lo mkhuba wamavoti okungabethembi ubuholi?
Ukuphawula ngemikhuba eyenzeka emphakathini wangakini nezidingo ezingahanjiswa ngendlela, thumela umbono wakho [email protected]