INCWADI: Future imperfect
UMBHALI: Babette Gallard
ABASHICILELI: LIGHT EYE
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUHLAKAZEKA imindeni, kulahleke imfuyo igcwale amathafa ngemva kokuhlasela kwesimo sezulu esibi. Ngu-2050, lapho ukubhimba kwezinto kufinyelela ezingeni elisabisayo eliphoqa abantu ukuthi bashiye imizi ngenxa kazamcolo.
Encwadini ethi Future imperfect , umlobi uBabette Gallard, uphawula ngesimo sezulu esiyohlasela ngo-2050, bese kushabalala izitshalo, nemfuyo kuhlakazeke imindeni kuphele uzinzo ezweni ngenxa yezinqumo ezingaphusile ezenziwa ngabaholi bamazwe.
Indikimba yencwadi isuselwa kwabesifazane abashadile okunguHelen no-Isha, basuka eFrance, baphikelele eNgilandi, ngenhloso yokuvakashela indodakazi yabo uJana, futhi bafuna ukubona umzukulu, u-Ayo. Bahlangabezana nembibizane ohambweni lwabo ngesikhathi bevinjwa ngamaphoyisa asemngceleni ophakathi kweFrance, neNgilandi. Ingqinamba ababhekene nayo ngeyokuthi ziphelelwe yisikhathi izincwadi zika-Isha, zokuba yisakhamuzi eNgilandi, ngakho akavunyelwe ukuthi awelele ngaphesheya angene khona.
Amaphoyisa amkhomba emuva ezweni azalelwa kulona e-Uganda. Iqala lapho inkathazo uma bephoqeleka ukuthi bathubeleze basebenzise izindlela ezikude nabomthetho.
Bathola indawo yokukhosela komunye wabangani babo eSwitzerland, kuphela namasenti futhi uHelen uhlaselwa wukugula. Phela akuyona insangu ukuhamba ngezinyawo ngoba azikho izimoto nezitimela futhi bagwema ukubanjwa ngamaphoyisa. Indodakazi yabo uJana, inquma ukuthi iyobajoyina eSwitzerland kepha kubhimba izinhelo nakhona.
Ingqikithi isekutheni uma abaholi bamazwe bengabhukuli manje bavikele imvelo, kuningi okuzoshabalala futhi kube yisikhubekiso empilweni yezizukulwane ezizayo.
Siyakubona ukushuba nokushintsha kwesimo sezulu mihla namalanga. Ziyazenzela izikhukhula, ozamcolo neziphepho ezishabalalisa konke. Umbuzo uthi ngabe ohulumeni bamazwe benza konke okufanele ukubhekela imvelo nenhlalakahle yabantu?