UKUZWA izindaba zokudlula emhlabeni kukazakwethu, uMbongeni Khuzwayo, kungishiye nomshikashika womcabango wokuthi engabe sesiyophuza kumuphi umthombo.
UKhuzwayo, oficwe wukufa siyidudula naye kwiSolezwe, ubebambe elikhulu iqhaza ekuthuthukisweni kolimi lwesiZulu. Ubewumthombo ongashi. Ngisho abahleli bebemethemba, benikela kuye uma sekufikwe kwangqingetshe kwezolimi.
Amangwevu awakhombise ngesikhathi kubekwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini yiwona engiyohlale ngimkhumbula ngawo uMnguni. Waveza ikhono lokuba nesisoka nokuvuthwa, eqinisekisa ukuthi inkambiso yokubhala iyalandelwa.
Ubenesiphiwo esiyivelakancane sokungabi nomona wokudlulisela ulwazi kwabamlandela ngemuva futhi ubazi ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili ngakho-ke bekusemizweni yegazi ekubeni yisibani esizukulwaneni esisha sezintatheli.
Ubezigqaja ngemvelaphi yakhe okufakazelwe wukuthi akhonze enkonzweni yobuNazaretha adlule emhlabeni ekhathazekile ngokuba yihlakanhlaka kwebandla. Phezu kwenjula yolwazi abenalo, uMnguni ubengesiyena umuntu wobukhazikhazi. Ubephila nawo wonke umuntu, engakhethi iphela emasini.
Bekuyintokozo ukusebenza naye ngoba ubengazithwele, ubehlale evule izandla ekutheni aqhamuke nesisombululo. Uma sizincokolela ubehlale engikhumbuza njalo ethi: “Gazi, ukuphatha akusho ukuthi usuwazi yonke into. Kumqoka ukuthi ungayifeli ngamathe imibono yabanye ozakwenu.”
Yize le ngwevu - ebengiziqhenya ngokuba sethubeni lokusebenza nayo naseminyakeni ephambilini - ibike yangiluma indlebe ukuthi ayiphilile, bengingalindele ukuthi isingabizelwa ngokushesha kwelamathongo.
UKhuzwayo, umfana kaMaNgcobo odabuka eNdwedwe, ngiqale ukumazi ngo-1997 sisebenza naye ephephandabeni, UmAfrika.
Abaningi bayamazi kulo mkhakha wezindaba. Ubeyingwazi yentatheli edlondlobale yaze yaba nguMhleli weziNdaba, yaphinde yasebenza njengomhluzi wezindaba.
Usebenzele UmAfrika eSigodlweni samaRoma aKhatholika kusekhona uFather Dieter Gahlen eyibambe noBongani Shoba, Sibani Mngadi, Sikhumbuzo Miya, Zanele Mngadi, Thulani Msimang, Philisiwe Mjoli, Sbu Masango, Zakhele Fakazi noSandile Mdadane. Lezi ngezinye zezintatheli ezasebenza naleli qhawe elazakhela igama ngokubhala ngokungesabi ngezikhathi ezimbi zodlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal.
Okungithathile kuye ukuhlonipha umsebenzi nokuqinisekisa ukuthi imithetho yobuntatheli iyalandelwa. Ubelimela iqiniso, engancethezi, into eyibeka injengoba injalo.
Ubengasiyena umbhali noma umholi othi makukhule nokukhula uma ozakwabo bengayigqizi qakala eyokulandela indlela eyiyo yokubhala. UMnguni ubenesineke, kumjabulisa ukucathulisa ababhali abasafufusa. Wayekuhlalisa eduze kwakhe alucangcathe udaba, luphume lucije kuhle kothi lomkhonto.
Bekumthokozisa ukubona umuntu asebenza naye noma ngaphansi kwakhe ekhula ekubhaleni ngendlela ulimi lwebele.
Umlando waseNingizimu Afrika ubewazi umfo kaMnguni, ekudwebela isithombe esicacile ngokwenzeka ngesikhathi ubandlululo lusadla lubi nodlame lubhokile, lubhuqabhuqa isizwe esinsundu.
Ibimhlupha eyokuthi asiziqhayisi ngolimi lwethu, sizibona singcono kakhulu uma sikhuluma isilungu.
Impilo yakhe yonke uMnguni ubezibophezele ukusebenzisa usiba elwela abantu abampofu. Uficwa ukufa nje ubehlale ekhala ngendlela okubikwa ngayo ngolimi lwebele.
Emancokweni akhe ubengakhohlwa ukuveza ukuthi ikhono lakhe lokubhala laholela ekutheni abe nobudlelwano obuhle neSilo esesabuza, uZwelithini kaBhekuzulu.
Ibimphatha kabi eyokubhimba kwezinto ezweni, enenkolelo yokuthi umkhuleko wamabandla onke, wokubonga ukukhululeka kwezwe ekucindezelweni, ungazishabalalisa kuhle kwamazolo eshiswa yilanga izinkinga ezikhungethe izwe.
Singqumuza nomunye wozakwethu ngokudlula kukaMnguni, ukusho wangananaza ukuthi kuhambe inkunzi emidwayidwa.
Ubeqinisile uzakwethu ngoba ukuba nesandla kukaMnguni ekwelekeleleni Isolezwe bekuphetha imbenge eyathungwa ku-MAfrika, yaqhutshwa ephephandabeni iLanga - okusho ukuthi ube nesandla kuwo wonke amaphepha esiZulu amakhulu.
Hamba kahle Mnguni, Phakathwayo! Uyibekile induku ebandla.