Mhleli: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngicela ukudlulisa ilaka lami ngendlela okwenzeka ngayo ohlelweni lukamaskandi oKhozini FM, uSgiyangengoma.
Abasakazi bethu uTshathugodo noZimdollar ababenzi ubulungiswa ngomculo walo mfana omncane oshisa izikhotha kuzwelonke igama lakhe uNtencane.
Lo mculi ukhiphe ingoma ethandwa izwe lonke kodwa abasakazi basayidlale kabili nje vo ohlelweni lwabo. Umbuzo wami uthi uvinjelwani umfana omncane ngoba izwe lonke liyamthanda? Kunabaculi abashaya ingoma engathi shu kodwa abadlalwa uMgqibelo noMgqibelo, bese umculi onengoma ethandwa ngapha nangapha, bashaya engathi abamuzwa. Baphathi boKhozi, sicela niyibukisise ngeso elibanzi le nto ebuhlungu.
UNtencane ukhiphe ingoma eculwa abantu abangawulandeli nomaskandi ngoba akanikezwa ithuba lokuthi ingoma yakhe iqengqeleze njengoba kwenziwa ngesikhathi kukhiphe oNjoko. Mhleli, akungabazwa ukuthi le ngoma kumele engabe isidlalwa ezinhlelweni zonke zoKhozi ngendlela emukeleke ngayo esizweni, nabo abasakazi abasakaza umaskandi bayamcindezela lo mfana. Izwe lonke liyabuka le nto eniyenzayo basakazi.
Ingoma kaNtencane iphume ngo-Agasti okusho ukuthi seyinesikhathi yaphuma kodwa abayidlali, abanye abaculi ababhimbayo bakhipha namhlanje badlalwe ngakusasa bengenayo nengoma ethandwayo.
Esani ngempela isihluku esenziwa uTshatha noZimdollar? Kungani bengalikhulumi iqiniso kubaphathi babo uma kuyibona abavimbe uNtencane.
Ntobeko Ngcobo
KwaHlabisa