NGEKE sithule uma abaholi benephuzana esidlangalaleni, bethunaza isizwe. Umholi ngumuntu okufanele akwazi ukuzithiba, nokulawula imizwa yakhe uma kwenzeka kuba khona omfaka umunwe esweni. Akukhathalekile ukuthi ngubani owenzeni kuqala, ukuklwebhana kwabaholi kuyichilo.
Sibambe ongezansi, sakhuza umhlola siyisizwe ngenkathi sibona uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ehlwitha uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, umbhobho phambi kweNgonyama yamaBandla wonke uMisuzulu kaZwelithini, noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
Ihlazo uqobo lwalo. Baziphatha kanjena nje, bekuwumcimbi wokukhumbula iqhawe lesizwe samaZulu, iSilo uDinuzulu kaCetshwayo, owakhothama ngo-1913. Kuyaziwa ukuthi ujulile umlando weNgonyama uDinuzulu engukhokho weSilo esibusayo kumanje.
Umsindo ususwa yipolitiki. Umbuzo uthi ifunani ipolitiki ezindabeni zomlando oyigugu lesizwe samaZulu? Kuze kuhlwithwe umbhobho nje, sekushone kuphi ukuhloniphana nokuzithoba kwabanumzane abangabaholi besizwe?
Sikhuluma ngabanumzane okumele babe yisibonelo esihle emphakathini ngoba kumele abantu abasha bafunde kubona ukuthi umholi uziphatha kanjani phambi kwabantu futhi uzihlonipha kanjani.
Sebeziphendulele ngezindlela ezahlukene abaholi. Kepha, sekuwumkhuba ovamisile ukuthi uSihlalo we-ANC aphelelwe wukubekezela bese enza izinto ngesinxele ethi uyalungisa kanti useyona.
Kwababaza abaningi ngesikhathi usihlalo ephakamisa indebe eyayiwinwe amaBhokobhoko nomdlali u-Eben Etzebeth, ekubeni wayeseduze kwakhe uNdunankulu wesifundazwe.
Yadla amazambane ashisayo i-ANC, yathi kwakuvele kuhlelwe kanjalo.
Kepha kuyajabhisa ukuziphatha kukaSihlalo futhi akwamukelekile, kumele abe yisibonelo esihle ebantwini abasha. Iyagodla nxa igqulwa yehlise nxa inxenxwa.