MHLELI: Ake ngiveze umbono wami ngophenyo lweSpecial Investigation Unit (SIU), ngokusebenza nokwenzeka kwiLotto. Njengoba iSIU imatasa iqoqa ulwazi lwamakhompyutha nemiqingo kwiLotto, ngineqiniso lokhuthi uphenyo balwenza ngoba bazi ukuthi vele amantshontso kade kwase edliwa.
Lokhu kufumbathisana kuthiwa bekwenziwa ngamalungu asezikhundleni eziphezulu egixabeza abangani nezihlobo zawo imali. Ngicabanga ukuthi yinto ekhona leyo sekuyikho nje ukuqoqa ubufakazi bese ziyochithana enkantolo. Njengoba uphenyo luzogxila eminyakeni ewu-6 eyedlule, ngibona lokhu kuzokwenza iLotto ingathenjwa kakhulu kunakuqala.
Kodwa Ithuba, elengamele iLotto lapha eNingizimu Afrika, lizongathenjwa ukusebenza kwalo. Ngikusho lokhu ngoba Ithuba alikaqedi ngisho iminyaka ewu-10 lisebenzisana nabakwaLotto. Yingakho abantu bezoyingabaza iLotto neThuba. Phela kuthiwa kayinuki ingosiwe. Sesobabona bevela enkantolo abayosile, cishe abanye kade bengakayidli, abanye sebeyidlile ngalokho-ke bayobe badle icala benobhululu babo. Kade besikelana amantshontso benqakisana nangamathenda, kungalandelwa indlela eqondile yokuwakhipha kwawo. Sengathi kungavela konke okuyiqiniso ngalezi zinsolo.
Okubi nje wukuthi isithunzi nokwethenjwa kweLotto kuzokwehla kubantu. Kuyangijabulisa nokho ukuthi abakwaLotto bahlezi bebuyisela emphakathini. Phela kuvamile ukuba baxhase izinhlangano ezingayenzi inzuzo. Nezikole banakho ukuzixhasa ngokulungisa ingqalasizinda yokudlala nangemifaniswano yokudlala. Bayaxhasa nangezinto ezifana nemitapo yolwazi enobucwepheshe besimanje, okuyinto ebaluleke kakhulu leyo ukunciphisa umthwalo emahlombe kahulumeni.
Likhulu kakhulu iqhaza elidlalwa yiLotto emphakathini. Kodwa iqiniso kwabanukwayo kumele livele futhi lizovela.
Ngiyayithanda nendlela iSIU, amaHawks nophiko lwezokushushisa abaphapheme ngayo kule minyaka embalwa edlule. Phela lezi zinhlaka kade sezifana nenja engenamazinyo.
Sibahle Ngobese
ENQUTHU