MHLELI: ENingizimu Afrika angeke ukhulume ngepolitiki ungayibali iNFP noMengameli wayo uNkk Zanele Magwaza-Msibi uyathanda awuthandi.
Ukusungulwa kwaleli qembu kwavula ikhasi elisha kwipolitiki yaseNingizimu Afrika okwaba yiqembu lokuqala elathi lifika leza nokuhlukile okusha ebalazweni lepolitiki yaseNingizimu Afrika.
I-NFP iyiqembu lokuqala ukuphakamisa ukuthi abafundi abaphume ku-matric sebenezincwadi zokushayela mahhala, iNFP ingamavulandlela ngohlelo lwezolimo nokuxhasa imiphakathi ngogandaganda njengoba bonke omasipala sebekwenza, ukunakekela abangenabani. Kumele siwazise umphakathi waseNingizimu Afrika lelo qiniso.
Siyiqembu lokuqala ukuveza singafihli ukuhlonipha ubuholi bomdabu amakhosi nezinduna nokuhlonipha iqhaza labo emiphakathini yasemakhaya.
Ukuqoqa okungenhla siyiqembu elikhuluma ngezinto ezithinta abantu ngqo, asikhulumi ngemilingo eshiwo ngabanye uma bekhankasa.
Phezu kwazo zonke izinselelo esesibe nazo njengeqembu kusuka ngo-2014 kuhlabeka umengameli wethu ngokugula, 2016 sangangena okhethweni lwemikhandlu, kube wu-2017 abanye abazibiza ngabaholi befaka iqembu enkantolo kwaze kwazaleka ubambimbiswano ngomyalelo wenkantolo olwalubizwa nge-INEC noma Interim National Executive Committe eyasiyisa engqungqutheleni ngoDisemba 2019. Siyababonga nabaholi ababeyibambe lapho kuze kube manje.
Nakulo nyaka uphindile futhi uMlotshwa nahambisaba nabo basifaka enkantolo bethi ababazi ubuholi beqembu. Uma besho nakulokhu amalungu eNFP asathembekile siyabonga kakhulu sengingasho ngithi sekuyantwela ezansi maduze nje leya NFP yango-2011 izobuya uma sekuhambe ababulali bayo.
Zithembe Ngobese
Enquthu