MHLELI: Abelungu beDA bathi isikhathi sesifikile “azibuye emasisweni”. Ilulwane uma lihlezi phansi libukeka njengegundane kodwa kungelona igundane.
Uma lindiza libukeka njengenyoni kodwa lingeyona inyoni. Uma ungabeka inyoni negundane bese ubuza ukuthi niyamazi lona bayoliphika bonke bathi cha cha cha asimazi.
Ilulwane uma lihlezi phansi alikwazi ukusuka lindize ngoba aliyona inyoni ngokuphelele kufanele lishoshe lize liyokhuphuka ngodonga ukuze lindize.
Ikomkhulu leDA liseNew York kodwa leli qembu eliholwa uMnuz Mmusi Maimane eNingizimu Afrika alikaze limthume emihlanganweni yalo eNew York ngoba unaleli bala okungelona elaseNtshonalanga. Uyazisisa njengelulwane elizisisa egundaneni nasenyonini.
I-DA uma kufanele ithumele ekomkhulu layo kuba abebala layo hhayi umholi wayo.
Laba belungu bayazi ukuthi uyofika acwaseke ngebala lakhe. Ubani owayesazi ukuthi kusekhona uMnuz Tony Leon kwiDA.
Akaze aye ndawo kuphela ubebuka le sithunywa abafolose ngaso ukuthi senzani. Okubuhlungu ukuthi abantu abebezenze amalulwane bahlambalaze isithunzi somuntu omnyama kwabaseNtshonalanga.
Bazoqhubeka nokuthi singothathekile. Ukwesula kukaMashaba ngibona kuzoba nomthelela ongemuhle kuMaimane othi akuyiwe engqungqutheleni. UMashaba uzohamba nenqwaba yabantu lokho kusho ukuthi le ndoda izolahlekelwa abayesekayo kuleyo ngqungquthela bese iba yihlaya kwabaseNtshonalanga.
Ngeke kungimangaze ukubona uNkk Hellen Zille noma * Leon engenela esokuphinda ahole leli qembu ngoba lona ubenziwa ihawu lengulube ukuze kuhehwe othathekile.
UNksz Patricia De Lille angazihlomulela kulaba asebesaba ukubuyela ekhaya ngoba ngeke baqhubeke neDA uma abelungu sebemkhiphe ngokusemthethweni uMaimane nabo bonke abahola ezifundazweni njengoMnuz Zwakele Mncwango.
Bafake abebala elimhlophe ngoba bafuna okukaKhesari kubuyele kuKhesari.
Zinsizwa nezintombi zakithi ebezibhungukile akuqali ngani ukubhunguka futhi akekho umuntu oxoshwayo ekhaya uma esezule wadela wanethwa yizimvula zangaphandle. Nani nizokwamukeleka ngemfudumalo ekhaya vele lalingeke lishintshe leli bala elinsundu libe mhlophe niyohlezi ninjena nje.
Lindani M. Ndebele
Empangeni