MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngicela ukudlulisa umuzwa wami ngokungikhathazayo ngomsakazo wethu esiwuthandayo Ukhozi FM.
Selokhu kube nezinguquko izinhlelo ezishintshiwe azisigculisi neze singabalaleli. Ngizoqonda ngqo ohlelweni lwezemidlalo oluvamise ukuba khona ngempelasonto ngoMgqibelo nangeSonto nokuwuhlelo obeluqala ngehora lesithathu luphele ngelesithupha phambilini.
Into eyenziwe abaphathi bavele banciphisa isikhathi salolu hlelo basenza saba sifushane njengoba kuyimanje nje seluqala ngehora lesithathu luphele ngehora lesihlanu nokuyinto esimangazile futhi nekhombisa ukushaya udaka kwabaphathi balo msakazo.
Kuphinde kube imaphakathi nesonto lolu hlelo lushayelwa uVictor Molefe naye njalo belu esingazi ukuthi uphi ngoba asitshelwa ukuthi kwenzekani ngaye njengoba singamuzwa emoyeni. Uhlelo beluyaye luqale emva kwehora lesikhombisa 19:10 luphele ngo 19:40. Esikhala nangako njalo belu ukuthi kungani lungabi ihora lonke kuze kushaye elesishiyagalombili ngoba le ndaba yomdlalo womoya oyaye ungene ngalesiya sikhathi sokuphela kwawo thina asisiboni isidingo sawo ngoba usuke udlaliwe ekuseni.
Singabalaleli nabathandi bezemidlalo sisuke sisafuna ukuphawula bese kuvele kunqanyulwa uhlelo kufakwe into esiyimpinda esuke ingasenamsoco ngoba isuke isidlalile.
Baphathi boKhozi FM ake nilalele Iizikhalo zethu njengabalaleli bomsakazo ngoba yithina abelungu benu kungenjalo luzoncipha uthando lokulalela lo msakazo esiziqhenya ngawo.
Nkosinathi Khumalo