MHLELI: Kwelakho elidume emagunjini onke kwelaMthaniya ngivumele ngicobhoze lolu siba ngizwakalise ilaka lami ngezenzo ezenziwa emaphoyiseni enza umsebenzi obucayi.
Okokuqala nje ngabe uMthethosisekelo uwakhiphela ngaphandle yini wona njengoba ngazi ukuthi umuntu uma onile uyaboshwa aziphendulele ngasuke ekwenzile. Ubani onelungelo lokubulala omunye umuntu ngaloluya hlobo ekubulawe ngalo abantu esibabiza ngabenza umsebenzi obucayi badutshulwe babulawe kuhle kwezinja? Uhulumeni uye okhuthaza umphakathi ukuthi uyeke ukubulala amaphoyisa kodwa yena ukhipha izinkabi zakhe ziqhobozele ozakwabo.
Akukhona okokuqala uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele (osesithombeni) nosigaxamabhande behlukanisa umbutho phakathi. Baqale banyusela izingane zobhululu babo ezikhundleni zibe ziphuma ekolishi kwasala amaphoyisa aneminyaka evile kwelishumi egida ndawonye.
Iphi imiphumela yekhomishini eyajutshwa, ayiveli ngani kwithelevishini njenganalaba abebedla imali yabakhokhi bentela?
Uthini uMthethosisekelo ngokukhishwa kwezithombe ezinyantisa igazi kanje zabantu enithi benza umsebenzi obucayi.
Iphoyisa lithwele kanzima. Ingozi yemoto yilona, ozilengisile yilo, kuhlinzwa isidumbu yilo bese livika nomqashi ophethe inkemba ebhekise kulo. Angiyiphathi eyomphakathi othi ungaphuza ulibize ngazo zonke izinhlamba.
Hhayi bo lo mlilo othelwa upharafini uzocishwa kanjani uma usubhebhetheka?
Mkhonzeni kaMzondeni Bhebhu
Khenana, Bulwer