KUKHONA le nto eseyandile kithina belaphi bendabuko namhlanje, engikholwa ukuthi yayingekho emandulo kwabahamba phambili, yokuzibiza ngezihloko zeziqu zanamhlanje. Kubantu abafunde bagogoda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngokwasentshonalanga, baklonyeliswa ngokuthi babizwe ngodokotela kumbe usolwazi.
Igama elithi “dokotela” lisebenza kumuntu ofundele ezokwelapha ngokwasentshonalanga nangokweziqu zemfundo ephezulu ngokugogoda bese enikezwa lokhu abathi yiDoctorate okunqanyulelwa kuthiwe “Dkt”. Ngokusebenza enyuvesi ngokuzikhandla, ucwaninga uthola izinto ezifihlakele ezisizayo empilweni ugcina-ke sekuthiwa ungusolwazi ngesilungu (professor) okunqanyulelwa kuthiwe “Prof” nakhona okungamazinga ehlukene.
Namhlanje cishe wonke umuntu othwasile, owenza umsebenzi wabadala, naye useyaye asebenzise igama likaDkt no“Professor”, okuyinto esidida kakhulu ukuthi kanti lezi zihloko zichazani ngempela. Ukwelapha kwendabuko kuyaziwa ukuthi nakho kuphilisa abantu njengakho okwasentshonalanga kodwa thina esingabelaphi bendabuko sizithola sengathi siyesaba ukusebenzisa awethu amagama amele lezi zihloko ngokwabelwa ngabanikazi bemisebenzi yethu.
Okokuqala, umuntu wayethi uma ethwasa angasho ukuthi uthwasela ini nokuthi uzoba luhlobo luni lukamelaphi kuze kube yibona abamnikeza umsebenzi abamchazelayo ngezindlela ezehlukene ukuthi wena uyilolu hlobo lomelaphi. Yingakho kithina kungafani nokufundela ubudokotela bezokwelapha njengabasentshonalanga, bona abazikhethelayo ukuthi bafuna ukugcina beyini.
Kithina uqala ngokuba lithwasa uphothule bese beqala lapho ukukutshela, uma unenhlanhla, ukuthi uwuhlobo luni lukamelaphi. Kukhona isangoma, umbelethisi, ugedla, isanusi, abalozi, umhlahli nokuningi. Kuyenzeka ukuthi uthi usathwasa kokunye usuphothulile bese kuyima bekunikeza igama ozobizwa ngalo, okuyisona sihloko sakho esizomela ubudokotela kumbe ubusolwazi.
Kunabantu abanenhlanhla yokunikezwa amagama besesentwaseni, benikezwa wona ngamaphupho kokunye alizwe lishiwo ezindlebeni zakhe emini ebhekile. Uyothi uma ebuza kugobela wakhe, amtshele ukuthi yilona gama lakhe lelo lasedlozini ayobizwa ngalo esigodlweni lapho enza khona umsebenzi wabadala. Kungakho uzwa kuthiwa kukhona ugogo Somakhehle, umkhulu Nyakanyaka, lawo akuwona nje amagama kodwa yizona zihloko onikezwa zona yibona. Uma ekugcineni usizibiza ngokuthi unguDkt Nyakanyaka, noSolwazi Nyakanyaka kulapho sekulahleka khona.
Uma uya ebunyangeni besiShamani, nakhona kukhona into efana nalena kodwa abagqamisi izihloko lezi thina esizigqamisayo sizibize ngazo. Namuhla uthola abelaphi bebane kokunye bebathathu bezibize ngegama elilodwa, basebenzele lapho bethi yisesigodlweni sinye uxakeke kanti ubunyanga buyini nokuthi ithongo nedlozi nempande abasebenza ngayo ikuphi, iqhamuke kuphi.
Sinamagama ethu esintu ahloniphekile nokuyiwona esingawanaki, amagama oGogo, Mkhulu, Makhosi, Thokoza, negama lakho ophiwa lona esigodlweni ngabanikazi bomsebenzi. UGogo, Mkhulu, Makhosi avamisa ukuxhuma egameni onikezwe lona. SinoGogo Thekelisa, Mkhulu Nyakanyaka, Makhosi Ndlonzana okungamagama lawo osuke unikezwe lona uthwasa kokunye usuphothulile ususebenza abantu.
Ingane yasedlozini inegama lasethongweni esuke ilabelwe yidlozi okungukuthi kufanele ibizwe ngalo, ingabe isabizwa ngaleli yona esike iqanjwe lona nguyise nonina. Leli gama awuziqambi wena ngokulithanda kodwa unikezwa yibona ngemibono kumbe ngephupho. Abanye kuyaye kufanele aze alihlabele ngoba kusuke mhlawumbe kuyigama lalowo okungenile noma umnikazi wempande. Konke lokhu awukutshelwa wugobela kodwa utshelwa yibo ngqo ukuthi yini okufanele uyenze. Uma indlela yephupho abafika ngayo ijulile, kulapho kufanele ugobela kumbe umama noma ubaba wasedlozini akucacisele bese ekusiza kulokho. Asemqoka la magama ngoba yiwona ozokwaziwa ngawo nozokwelapha ngawo ngoba kusuke kungelaphi wena, kwelapha lo muntu ozibiza ngaye.
Amanye amagama akuwona abantu abaphilayo kodwa igama elisho umlando wokwenzeka kuwena uthwasa noma phambi kokuba uthwase kumbe emndenini noma emlandweni.
Isikhathi esiningi namhlanje la magama asiwaqondi ubumqoka bawo bese sigcina sesingena kulezi zihloko zokuzibiza ngamaqhaza asentshonalanga. Nokho ngeke sathi kubi kodwa kutshengisa ukwesaba nokungazi ngalokhu umuntu asuke eyikho nokungaqondi ngegama ethiwe lona ngomsebenzi anikezwe wona wokwelapha.
Amabhunu olimini lwawo ayakwazi ukwehlukanisa lokhu ngokuthi abe no-dokter osho umelaphi ngokwasentshonalanga nowesintu no-doktor basho oweziqu zasenyuvesi.
Yingakho-ke kudalo wawuzwa kuthiwa ake siyozwa laphaya KwaNgenetsheni, besho isigodlo, kokunye KwaMkhwabanisi besho inyanga yalapho esigodlweni saKwaNgenetsheni. Noma ungaba nazo iziqu zasenyuvesi zobudokotela kodwa bajike bakuqambe elabo igama abalifuna esigodlweni nakubantu ukuthi kusebenze lona njengoba nami nginguBhedlindaba. La magama-ke asiwathande ngoba ayimpande nengqikithi yemfihlakalo yalo msebenzi ojulile.
■ Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
GAUTEG: 010 007 5294
KZN: 087 11 00 555