MHLELI: Kwelakho kangisaqondi ukuthi kwenzakani eMzansi. Ngibona ubaba uSipho Hlomuka eshesha ukungenela komasipala abaphethwe ngamaqembu aphikisayo kodwa abangaphansi kwe-ANC akakwenzi. Ngabe ubona ukuthi kasimboni yini singabantu ukuthi ufuna ukuzuza omasipala abangekho ngaphansi kwabo. Mina kangikhali ngoba kangisaboni kwi-ANC ukuthi ukhona ongayebi imali, okanye obhekela obhululu nabasondelene naye. Uthi wawazi ukuthi indoda ethembeke kangaka, uDkt Zweli Mkhize ingasolwa ngenkohlakalo?
Unenhlanhla yena ngoba (uMengameli Cyril) Ramaphosa usalayeza ngokummisa esikhundleni kodwa kuMnuz Ace Magashule wangenela ngokushesha. Kusobala ukuthi kwayena wubengayilindele le nto yokushenxisa abantu ukuthi ingagadla nakubangani bakhe.
Ngokwami sengathi i-ANC yonke iyasoleka enkohlakalweni. Kungethusile ukukhishwa kwesibalo sentsha engasebenzi. Kusobala ukuthi ubugebengu abukazuphela eMzansi ngoba abantu abasha bahleli emakhaya, banesikhathi sonke sokuhlela ubugebengu ukuze baziphilise. Selokhu kwaphatha i-ANC nje abantu abasha badonsa kanzima. Kwabona abaholi bazibhekela bona nobhululu babo nemndeni yabo. Abanye abantu kuya ngokuya badonsa kanzima. Ake kungakhishwa izibalo zabangasebenzi kodwa kwakhiwe amathuba emsebenzi, basebenze imisebenzi esakhula omkhulu besebenza. Babengayanga nasesikoleni kungakaphathi i-ANC? Sekwanele kwaphatha i-ANC noma kufuneka ozokwakha izindlu zangasese, sekufuneka ono-matric. Uzibuze ukuthi uzokwenzani u-matric. Ngisho abasebenza ezitolo sekufuneka wona ngokunjalo nakonogada. Ngiyafisa kube noshintsho nasePhalamende, kuthi bonke abaneminyaka engaphezu kuka-60 baphume, kungene intsha engasebenzi, bona bahlale phansi bahole impesheni. Phumani bantu abadala ePhalamende kungene intsha isebenze. Mhlawumbe ingaqhamuka namaqhinga amasha, izwe liye phambili. Izwe limile, kunalokho yinkohlakalo nje okukhulunywa ngayo, ubugebengu, yisifo iCorona neKhomishini kaZondo. Ukuthi izwe libhekephi mina angiboni kulobu buholi bomkhulu nogogo abagcwele ePhalamende. Mabashenxe nabo manje bayohlala nemndeni njengabethu ogogo nomkhulu abakhishwa emsebenzini, kwathiwa abayodla impesheni.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
KWESAKWAMTHETHWA