MHLELI: Ngithi angidlulise ukukhathazeka kwami ngokuphuza kwabesifazane. Indlela asebephuza ngayo utshwala iyethusa. Sesiphila esikhathini esinzima lapho abesifazane bephuza kakhulu kunabesilisa kangangoba abantu besilisa bagcina sebenakekela izingane.
Kwesinye isikhathi uyaye uthole umuntu wesifazane esexabana nabantu ngenxa yotshwala, abanye bagcina sebelimazene. Sekukaningi ngizwa kuthiwa kukhona abashonile ngenxa yokulwa bephuzile kodwa lokho akubethusi odadewethu, bayaqhubeka nokuphuza kuze kweqe.
Abagcini ngokuphuza utshwala, sebedla nezinye izidakamizwa eziyingozi. Odokotela bathi ezinye zalezi zidakamizwa ziqeda inzalo kumuntu wesifazane.
Baye baphuze utshwala ngenxa yokuthi babona ozakwabo bephuza nabo babone kungcono baphuze besaba ukuthi buzophela ubungani. Kuye kube buhlungu uma sebephuza imali yezingane yesibonelelo sikahulumeni, bangabe besazifeza izidingo zezingane.
Ababoniseki ngobungozi botshwala bavele bacabange ukuthi wena uzibona ungcono kunabo.
Abesifazane nabesilisa kumele bafundiseke ngobungozi botshwala nangokuthi bakhulume uma kunengcindezi ababhekene nayo engabenza bagcine sebecwile otshwaleni.
Gugu Cele
Mehlomnyama