MBALI KHANYILE
UKUPHUCA ikhanda bekwaziwa njengento ehambisana nesiko kubantu besifazane abamnyama njengoba bekuyaye kwenziwe uma kushoniwe.
Mumva nje sekushintshile lokhu njengoba sekuphenduke isitayela ukususa izinwele ekhanda ngale kokuhloniza noma ukuzenyeza.
Lesi sitayela singenisile nakosaziwayo bakuleli kanti nozime othwele isicoco sikaMiss South Africa uShudufhadzo Musida, ushaya ngayo imbungculu.
Abanye osaziwayo abaziwa ngalesi sitayela ngoLebo Mashilo, abalingisi oZikhona Sodlaka olingisa kwiHouse Keepers, Bukamina Cebekhulu olingisa kuMuvhango nomrepha wakuleli uNomuzi Moozlie Mabena.
UNksz Siza Chili, ongumcwali wezinwele, uthe lolu hlobo lwesitayela lulungele lonke uhlobo lomuntu wesifazane ozethembayo ngobuhle bakhe.
Uthe yize silungele wonke umuntu lesi sitayela, abafanelwa kakhulu yiso yilabo abanobuso obugcwele futhi obusandilinga.
“Lesi sitayela sigqamisa ingxenye yobuso edalelwe ukuthi igqame kumuntu wesifazane. Iziqhomo namehlo ngezinye zezinto ezigqamisa ubuhle bomuntu wesifazane yingakho ubuhle bakhe bunezeleleka uma esuse izinwele,” kuchaza uNksz Chili.
Eqhuba uthe yinkolelo yakudala ukuthi umuntu wesifazane udinga izinwele ukuze kubonakale ubuhle bakhe.
“Kubalulekile kumuntu wesifazane ogundile ukuthi aziphaqule kancane ukuze ubuhle bakhe bunezezeleke. Angafaka i-lip gloss, adwebe ishiya bese efaka ne-mascara,” kusho uNksz Chili.
Amathiphu okunakekela lesi sitayela:
Qinisekisa ukuthi uyaligeza zonke izinsuku ikhanda lakho
Qikelela ukuthi usebenzisa i-conditioner yezinwele noma kabili ngesonto. Lokhu kuzodala ukuthi izinwele zakho zibe nempilo uma sezikhulile.
Faka i-hair food uma unesikhumba esomile. Uma kuyisikhumba esichichayo, hlala nayo imizuzu emihlanu bese uyayisula ngaphambi kokuba uphume endlini.
Vikela ikhanda lakho elangeni.