ISIPHENDUKE intandokazi yabaningi iBallito Junction esihehe izitolo ezihamba phambili kuleli.
Ngempelasonto iHestia Brands (Pty) Ltd, yamukele isitolo sayo sokuqala esifundazweni iKwaZulu-Natal kuyo le nxanxathela.
IHEYDUDE ivulwe ngoLwesihlanu kanti ingeyesibili eNingizimu Afrika njengoba esokuqala isitolo savulwa eKapa.
UMark Copson oyiProject Manager eHestia Brands (Pty) Ltd uthe: “INingizimu Afrika inemakethe ekhethekile yabantu abathanda izinto ezinhle nezekhethelo.”
Uthe lokhu yikona okubenze babona kukuhle ukuvula isitolo iHEYDUDE eBallito ngoba bakholwa wukuthi bakhona abantu abathanda izinto ezinhle nezekhethelo nabazosithokozela kakhulu lesi sitolo esaqala ukugqama e-USA futhi sikhula ngesivinini khona.