KUYIQINISO elingephikwe ukuthi akekho umuntu wesifazane othanda ukubukeka sengathi ukhulile kuneminyaka yakhe.
Yingakho iningi lingathandi ngisho ukudalula iminyaka yobudala.
Baze baphatheke nakabi uma bethuke baqagelisa umuntu ngeminyaka yobudala, waqagela iminyaka ethe xaxa kunaleyo umuntu asuke ekuyo.
Ongoti kwezemfashini nalabo ababhekele ukubukeka komuntu bathi empeleni indlela owesifazane agqoka ngayo nazicwala ngayo ubuso ingenza ukuthi abukeke emdala kuneminyaka yakhe noma abukeke emncane. Baze bathi uma ukwazi ukuhlanganisa kahle indlela ogqoka ngayo nsuku zonke, uhlobo lwamacici owagqokayo nemigexo oyikhethayo, kungenza ukuthi kube nzima ukuqagela iminyaka yakho.
UNksz Nobuntu Janti oyi-Image Consultant ezimele, uthi abesifazane abaneminyaka esukela ku-35 kuya phezulu, yibona okujwayeleke ukuthi baqale ukukhathazeka ngokuthi babukeka kanjani nokuthi ababukeki yini bebadala kakhulu.
"Kule minyaka abesifazane basuke sebenezinto abazinakayo emzimbeni ezishintshile, okungaba wukukhuluphala nokudlanga kwezinto ezifana no-cellulite nokunye. Kule minyaka abaningi basuke sebenezingane ngambili nangantathu kukhona nasebeshadile. Kuningi futhi abasuke bebhekene nakho empilweni okungaba wumsebenzi omatasa...kuningi nje," kusho uNksz Janti.
Uthi akunzima nokho ukuthi uzigcine ubukeka kahle futhi ingaqageleki iminyaka yakho. Ukholwa wukuthi osuke ukudinga nje yimpahla yokugqoka ethile, ukubaleka ohlotsheni oluthile lwezinto zokugqoka nokubhekisisa nsuku zonke ukuthi awugqoki ngendlela osuke uzizwa ngayo emoyeni.
" Ave kulula ukuthi ugcine ukujwayela ukugqoka ulengise nje uma uwumuntu ojwayele ukungaphatheki kahle emoyeni. Uvuke ugqoke noma yini, bese ushaya ngophaqa ezinyaweni".
Nazi ezinye izinto uNksz Janti athi kumele ungazijwayezi zona.
-Qhela kophaqa nakuma-pumps
Uthi ukugqoka ophaqa nama-pumps kwenza owesifazane azizwe ehambela phansi, noma ehamba adwashazele nje. Lokho kukodwa kukwenza ukuthi ungabi nokuzethemba.
Qhela ezingutsheni ezinezimbali (pastel colours)
-Izingubo ezinezimbali zinhle futhi ziyakhanga, kodwa zinendlela ethile okumele zigqokwe ngayo. Uma uzogqoka ibhulukwe eli-purple neshethi eli-purple, kuba kubi futhi kwengeza iminyaka ethile yobudala ekubukekeni kwakho. Kuhle uma uzogqoka ngale ndlela udunge ngombala ozothile okungaba omnyama.
Yeka ukumesha
Yize le mfashini yokumesha okuwukugqoka imibala efanayo, kodwa kumele uqaphele ukuthi ukumesha ngezinto ezingekho emfashinini okungaba yihembe lakho nje elibomvu nebhulukwe elibomvu, kuyinto ngisho amaphoyisa emfashini angakubophela yona. Qhela nje emkhubeni wokumesha ngaphandle uma umesha ngale mfashini ehambisana nokwangenhla okuveza isisu kancane nebhulukwe elihlala ngenhla kokhalo, yikhona okuvumelekile emhlabeni wemfashini njengamanje.
Qaphela imigezo oyifakayo
Ukuyikazela ngemigexo emikhulukazi mhlawumbe ehambisana namacici akhona, kungakwenza ubukeke engathi uwumlingisi womdlalo wakudala wethelevishini, kukwenza ubukeke umdala kuneminyaka yakho. Uma ugqoka umgexo, awungahambisani namacici. Uma umgexo umkhulu, amacici awabe mancane. Nakhona futhi imibala ayisameshwa.
Suka emibaleni emnyama
Wonke umuntu wesifazane kumele abe nayo ingubo emnyama ekhabethenii lakhe lezingubo, iyisidingo. Kodwa ukuhlale ugqoke izinto ezinemibala emnyama ngaso sonke isikhathi akudingeki.U dinga imibala egqamile okuzothi noma ungemuhle kahle emoyeni kodwa ikwazi ukukuvuselela njengombala o-orange.
Ziphaphamise kanje:
Izicathulo
-Qiniseka ukuthi izicathula ozigqokayo zithi ukuphakama kancane, ngisho ungeyena umuntu othanda izicathulo eziphakeme kodwa khetha lezo ezizothi ukusuka emhlabathini. Ngenhlanhla kulezi zinsuku zikhona ezitolo. Uma uthanda ungakhetha nalezo ezibizwa ngama-wedge, ezikwenza ubhalanse kahle kodwa ube usukile emhlabathini uma ugqokile.
Izingubo ezivulekile
Yebo ikhona njengamanje imfashini yezingubo ezishaya umoya ezivulekile kodwa abazithungayo bazenza zikhange futhi ziba wusayizi womuntu. Kodwa uma usuzogqoka ingubo edlula usayizi wakho ngoba uthi usukhulile noma unomkhaba, akulungile lokho. Ayikubambe kahle emabeleni ukuze ubukeke kahle.
Usayizi kabhodisi
Uma ugqoke usayizi kabhodisi okungewona, usuke usuyonile! Amabele akho azobukeka kabi ngendlela yokuthi nento oyigqokile ingabe isabonakala ngisho ubuhle bayo. Gqoka ubhodisi okulingana kahle. Ezitolo zikabhodisi kumahhala ukukala amabele, wakale uwazi nobhodisi owusayizi wakho, ungathi ugqokile amabele akho abukeke ehlukene kathathu lilodwa.
Isitayela sasekhanda
Ama-weave kulezi zinsuku mahle futhi ayafanelana, kodwa qaphela ukugqoka i-weave enganakekeliwe ebukeka sengathi yizinwele ezingakanyiwe. Izokwenza ubukeka umdala ngokwedlulele. Yinakekele futhi uyigcobe izinto zakhona.
I-make up
Zama ukuchazeleka ukuthi igcotshwa kanjani, baningi abesifazane abazicwala ngemake up kuze kufinyelele ezingeni lokuthi ibenza babe babi. Yazi ukuthi uma uya emcimbini kumele uzicwale kanjani ubuso, uma uya emsebenzini nakhona kumele kube nendlela ozicwala ngayo. Isibonelo nje, kunemibala yamehlo okungamele uyigcobe uma uya emsebenzini kodwa efanele ukuthi uyigcobe kuphela uma uya emcimbini wasebusuku futhi ugqoke ngendlela ethile.
I-jean ayinamathele emzimbeni
Uma uthanda ukugqoka i-jean, ungalinge ugqoke i-jean enkulu ngoba wesaba ukuthi enamathela emzimbeni wakho ayikufanele ngoba usuneminyaka ethile yobudala. I-jean kumele ikulingane ngaphandle uma kuyisitayela vele esakhele ukuthi sibe sikhulu.