UKUQINISA amaxhama okusebenza ngokubambisana kwezinhlaka zengqephu kuleli nongoti base-Italy kuzala izithelo ezinhle.
Kulindeleke ukuthi kwethulwe imisiko yentwasahlobo nehlobo yakulo nyaka emcimbini omkhulu wengqephu ozoqala ngo- Ephreli 18 -20 eMall of Africa. Lokhu kwenzeka nje iNingizimu Afrika yaqala uhlelo lokubambisana ne-Italy ngo-2021 ukuthuthukisa izinga lengqephu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uma kukhulunywa ngengqephu i-Italy ingelinye lamazwe aqengqeleza phambili kulo mkhakha, ukusebenza ngokubambisana kwalamazwe kungabeka nengqephu yakuleli ebalazweni.
Selokhu kwaqala lobu budlelwane ng-2021 inkosikazi yenxusa lase-Italy uPaolo Cuculi no-Oriana Mannaioli Cuculi bazibambe zaqina.
"Inhloso enkulu yaleprojekthi ukuhlanganisa izinhlangothi zombili ngokwesiko, zizuze ngalesi sipiliyoni futhi zazi nangendlela yokusebenza kwezobuchwepheshe besimanje,"kusho uCuculi.
Iningi labathandi bengqephu okubalwa nabathungayo bazithakasele lezi zindaba nasezinkundleni zokuxhumana nosekubhekwe usuku olukhulu lombukiso wengqephu.