UMCULI weMafikizolo uTheo Kgosinkwe, usethembisane umshado nophumalanga sikothe wentombi yakhe,
uVourne Williams.
UTheo ucele uVourne umshado ngesikhathi begubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesithathu.
Lo mculi udalule lezi zindaba ekhasini lakhe ku-Instagram lapho kucace bha ukuthi uVourne ubengakulindele lokhu ezitshela ukuthi bazogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngedili lokudla nomculo kanti insizwa yakaKgosinkwe izoguqa phansi ngedolo ithi, "Ngicela isandla sakho emshadweni".
NgokweTshisaLive, le ntokazi ithathe isikhashana ukuthi "yebo", kwazise ibisakhala izinyembezi zenjabulo, nokulandelwe ihlombe labangani abebehleli etafuleni. Ube esezwakalisa injabulo yakhe enkundleni yokuxhumana u- Instagram.
"Ibhayibheli lithi...'Lowo othola umfazi, uthola into enhle futhi athole nombuso kaNkulunkulu'. Ungicele ukuba ngimshade, ngavuma!" kusho uVourne ku- Instagram.
View this post on Instagram
He who finds a wife finds a good thing and finds favor from the Lord Proverbs 18:22
A post shared by IAM THEO KGOSINKWE(@theo_kgosinkwe) on Jul 3, 2019 at 11:03pm PDT
Izindaba zokuthandana kukaTheo noVourne zavela ekupheleni konyaka nyakenye ngemuva kokuthandana isikhashana.
Ngemuva kokuhlukanisa umshado wakhe weminyaka engu-15 noRose anezingane ezimbili naye, uTheo ubezigcine kude nabezindaba ezakhe zothando.