UTHI angawuthatha ngezandla zombili umshado uma ithuba liqhamuka uMohale Motaung oke waba sebudlelwaneni bezothando futhi washada isikhathi esingangonyaka noSomizi Mhlongo.
UMohale ukhuluma kanje, ngempelasonto kuvele izindaba zokuthi kukhona usomabhizinisi athembisene naye umshado.
Ekhuluma neSolezwe, uthe akulona iqiniso ukuthi kukhona umuntu omthembise umshado kodwa uma ithuba liqhamuka angashada.
“Ngiyaluthanda mina uthando kodwa okwamanje ngingasho ukuthi akukho muntu ongithembise umshado, kube yinto nje nami engimangazile ngiyibona ezinkundleni zokuxhumana umunwe wami uneringi. Mina ngibhekane nesikhathi esinzima ngiphuma emshadweni wami njengoba abantu akade bengishela bebengibona njengomuntu olandela imali, nokuyinto engelona iqiniso. Abanye ububona ukuthi bangiheha ngemali ngenxa yokuthi kwagqama leli lokuthi mina ngiya kubantu abanemali,” kuchaza yena.
Uthe njengoba kuqala isikhathi sasehlobo uzoba nohambo ezifundazweni ezehlukene ngokubambisana nabakwaSavannah, njengoba bezoba nemicimbi yobumnandi.
Uthe izinto zimhambela kahle njengoba eselifezile elinye iphupho lakhe lokuvula indawo yobumnandi nokuyinto ayekade eyifisa.
“Impilo ihamba kahle kakhulu futhi ngijabule ngebanga esengilihambile kulo mkhakha wempilo. Izinto engangingazicabangi ukuthi zizokwenzeka empilweni yami zenzekile ngemuva kokubonakala noSomizi. Engingakuthandi ukuthi emkhakheni wokulingisa ngikhethe ukuthatha ikhefu ngoba abantu bebenokukhononda ukuthi ngithola imisebenzi engangifanele ngoba ngishade noSomizi, nokuyinto engelona iqiniso,” kusho uMohale.
Uthe yize esamile ekulingiseni kodwa ukuba yingxenye yomdlalo i-MTV Shuga, kumenze wazi kabanzi ngezifo zocansi, ukuvuleleka emphakathini uma uthandana nabantu bobulili obubodwa kanjalo ne-HIV.
“Manje ngifuna ukugxila kule ndawo yobumnandi evulwe ekuqaleni kwalo nyaka. Ngifuna ukukhula futhi emkhakheni wokhangisa, kanjalo ngiqhubeke ngishintshe impilo yezingane eziswele izimpahla zesikole njengoba nginenhlangano enikelela abafundi abadinga izingubo zesikoleni nakanjalo nangesikhathi sasebusika ukubanika ezifudumele,” kuchaza yena.