UBONA eyisibonelo kwabanye ngempumelelo yakhe emculweni uSiyabonga Nene waseBergville, odume ngelikaBig Zulu.
UBig Zulu ukusho lokhu njengoba esanda kukhipha i-albhamu yakhe entsha ethi Ngises’ congweni, nathe ngayo ubona umculo umbeke endaweni ephezulu.
“Lena i-albhamu yami yesine futhi ngayo ngizibona ngikude kakhulu ngengikwenzile emculweni. Ukube bengingenabo abantu abangesekayo kuze kufike kubalandeli bami ngabe angikho kuleli zinga engikulona manje. Ngikhethe lesi sihloko ngoba ngibona sengikwelinye izinga emculweni nokuqhakambisa indawo engibuya kuyo nokuyindawo edume ngezintaba, ngakho ngizizwa ngimi phezu kwazo,” kuchaza yena.
Uthe le albhamu eyabantu asebenze nabo kusuka eqala emculweni bemesekile.
“Kule albhamu abantu bangalindela isigqi se-afro pop, kunesigqi abasijwayele abangaze ngaso kulo mkhakha esikuwo. Ukurepha ngolimi lwesiZulu bakuthandile abantu kimi ngakho ngikhethe ukushintsha kulokhu kengize nenye indlela ngibone ukuthi abantu bazongamukela kanjani. Ngalezi zingoma ezintsha ngikhombisa amakhono enginawo bese kuba ukukhula engikubonile emculweni,” kuchaza yena.
Uthe lesi sigqi ngeke esasiyeka kodwa uzoqhubeka naso ezingomeni azozwakala kuzo.
Uveze ukuthi le albhamu ilungele wonke umuntu kusuka kwabancane kuya kwabadala njengoba umyalezo wayo ukhuluma ngothando, izinto ezenzeka emphakathini, ithemba, ukufa nendlala.