UCWANINGO olwenziwe yiKZN Film Commission luveza ukuthi intandokazi yomdlalo oqoshwa eThekwini, Uzalo, ayigcini kuphela ngokuthandwa kodwa ithuthukisa nemboni yethelevishini yaKwaZulu-Natal.
Uzalo lukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuSABC1 phakathi nesonto.
“Kusukela Uzalo luqalile seludale amathuba kubakhiqizi bamafilimu nabalingisi basesifundazweni. U-97% wabasebenzi uzinze eThekwini futhi sekuthuthukiswe abalingisi abangaphezulu kuka-50 baseThekwini lwaphinde lwanikeza amathuba abalingisi abasha nabanegama,” kusho isitatimende.
Ucwaningo luveza ukuthi ngokuba khona koZalo kuhlomula izinkampani zonogada, ezokudla neziqashisa ngezinsizakusebenza ekukhiqizeni umdlalo.
Umdidiyeli omkhulu uGugu Zuma-Ncube, weStained Glass TV, uthe ngenxa yokushoda kwemidlalo ekhiqizwa eThekwini nengcosana yabantu abaneziqu kwezamafilimu, Uzalo luqhoqeleke ukuthi lufundise abantu besemsebenzini.
“Ukuqeqeshwa usemsebenzini kugxile kubantu abasha baseThekwini futhi kubahlomise ngolwazi njengabantu abaneziqu kuthelevishini.”
Lezi zindaba zivela nje, kusanda kumenyezelwa ukuthi lo mdlalo uqophe umlando embonini yethelevishini kuleli ngokubukwa abantu abangu-10.2 million.