UYanga (17) omncane kunabo bonke abebekade bengenele lo mncintiswano, ukuveze lokhu esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eCarnival City, eGoli, ngemuva kokuhlwitha lesi sicoco.
Bekunguqhude manikiniki phakathi kwakhe noThato Makape naye obesibheke ngabomvu lesi sicoco.
UYanga uthe imali ayiwinile ngeke ayithinte, “uzoyivalela” unyaka wonke, aphile ngemali azobe eyithola ngomculo wakhe.
Isinqumo sakhe sishayelwe ihlombe njengoba abanye besidalule njengobuhlakani obungaphezu kweminyaka yakhe.
UYanga uveze ukuthi uhlela ukuqhubeka nezifundo zakhe njengoba enesifiso sokugcina eneziqu zomculo.
Ugoduke ehleka yedwa uYanga njengoba ngaphezu kukaR1 million, obuhlanganiselwa abakwaTelkom, Capitec nabakwa Idols SA awutholile, uphinde wathola imoto iFord Titanium elinganiselwa kuR300 000. AbakwaYamaha bamnikeze i-voucher kaR80 000 yokuthi angathenga noma iziphi izinsimbi ezifunayo. AbakwaTruworths bamnikeze i-voucher kaR100 000 yokuthenga izingubo azithandayo esitolo sabo.
Ezibongela uthe uzibona singamfanele lesi sicoco kodwa ubonga bonke abantu abamesekile kusukela ekuqaleni kwalo mncintiswano.
Ubonge nomndeni wakhe ngokumeseka, wathi uvele ahlengezele izinyembezi uma ebona indlela abazali bakhe abaziqhenya ngayo ngaye.
Umqondisi ophinde abe ngumdidiyeli we-Idols SA, uGavin Wratten uzwakalise ukujabula ngokuthi lolu hlelo luqophe umlando lathola amavoti angu-142 million kulo nyaka.
Uncome ithalente likaYanga noThato, wabafisela okuhle kodwa endimeni yomculo asebengena kuyo.
UThato uzishaye isifuba ngokugqamisa idolobha elincane aphuma kulo iPostmasburg.
Yize engawinanga kodwa uthe iphupho lokugqamisa indawo yangakubo lifezekile.Uthe ngaphambi kokungenela lo mncintiswano bambalwa
abantu abebazi indawo yangakubo.
“ Manje akekho umuntu ongazi ukuthi kunendawo ebizwa ngePostmasburg. Abantu bangasekhaya bangadikibali ngoba ngingawinanga. Ngiyafana nowinile njengoba ngiphume isibili kulo mncintiswano omkhulu kangaka obungenelwe izinkumbi zabantu iNingizimu Afrika yonke,” kusho uThato.