UXOSHWE esekhefini lokuyoteta umethuli wohlelo iDaily Thetha yakuSABC1.
UTumelo Mothotoane owethula lolu hlelo lwezindaba lwaphakathi nesonto ngokubambisana noKini Shandu, uxoshwe engazelele esekhefini lezinyanga ezintathu lokuyoteta ingane yakhe yokuqala.
UTumelo weneke konke ngokuxoshwa kwakhe kuFacebook izolo ekuseni.
“Ngibingelele bakwethu. Kulezi zinyanga ezintathu ezedlule bengibuzwa ukuthi ngibuyela nini kwiDaily Thetha. Bengingaphenduli ngenxa yezivumelwano ebenginazo nabakhiqizi bohlelo zokuthi ngizobuyela emsebenzini uma sengibelethile ngoFebhuwari 1, nonyaka. Ngemuva kokuthi silokhu sifonelana, ngididekile sengizwa namuhla izindaba zokuthi angiyena umuntu ongena khaxa ezinhlelweni abanazo uma kuqala isizini yesibili yohlelo.”
Le nkulumo ilandelwe wukuthi abonge ababukeli nabaphathi beDaily Thetha ngethuba abamnike lona nangothando abamkhombise lona esohlelweni.
UTumelo ube esekhumbuza abalandeli bakhe ukuba baqhubeke nokumvotela njengoba eqokwe emkhakheni womethuli wohlelo ovelele kowezindondo zamaSouth African Film And Television Awards (Safta).
Akagcinanga lapho kodwa unameke nencwadi yesivumelwano sokusebenza esiphakathi kwakhe nabeThabo Mphelo Films. Le ncwadi ibhalwe ngoMashi 1 walo nyaka.
Iveza ukuthi isivumelwano sokusebenza esiqale ngoSepthemba 11, 2017 kuya kuNovemba 31 2017.
Kulapho kulotshwe khona ukuthi ngeke sivuselelwe isivumelwano sokusebenza uma sekuyiwa kwisizini yesibili.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaTumelo noThabo ayiphumelelanga kanjalo nabaqopha uhlelo.