SIZOSAKAZWA ngoLwesihlanu oluzayo isiqephu sohlelo lomculo iLive Amp, sokuvalelisa uDJ Warras omemezele ukuthi uyashiya kulolu hlelo ngenyanga edlule.
Isiqephu obekumele sidlale ngoLwesihlanu olwedlule kube nokudideka kwabaningi singasakhonjiswa njengoba bekuzobonakala abake bathula uhlelo okungoLuthando “Lootlove” Shosha noPearl Thusi bebambisene naye uDJ Warras.
Ngemuva kwesikhathi ekhasini lalolu hlelo kuTwitter baxolisile bathi kube khona izimo ezingaphezu kwamandla abo eziphoqe ukuthi isiqephu singaqhubeki.
“Ubuxhakaxhaka bezintambo yibona obudale ukuthi isiqephu singaveli kwithelevishini njengoba bekulindeleke isiqephu sokuvaleliswa kukaDJ Warras ebesizothulwa uPearl Thusi noLootlove,” kubhalwe kuleli khasi.
UPhillip Mabitsela, wakwaSABC 1, uthe njengoba kusasa kunemidlalo yebhola yeNdebe yoMhlaba lesi siqephu sizoze sidlalwe ngoLwesihlanu oluzayo.
“Siyaxolisa kakhulu ngokwenzekile kodwa konke abebekulindele ukukubona esiqeshini sokugcina bangakhathazeki kuyeza ngesonto elizayo,” kuchaza uPhillip.
Uthe lolu hlelo ngolokugcina ngesonto elizayo luyobuya uma sekuphele imidlalo.
UDJ Warras ubonge abantu ngokumeseka ekulolu hlelo iminyaka eyisithupha.
I-Live Amp ishiywe ngabethuli bayo belandelana njengoba kuqale kwahamba uLerato Kganyago.