UDJ Tira, ogxekwa nxa zonke ngezinsolo zokuthi unesandla ekutheni uCassper Nyovest acwile ezikweletini ngemuva komcimbi wakhe i#FillUpMosesMabhidaStadium ngempelasonto eyedlule, uthe ngelinye ilanga iqiniso lizovela ngaye.
Engxoxweni abe nayo neSABC, uCassper uthe, ukuvela kwezindaba zokuthi uthole uxhaso luka-R56 million kumdonsele amanzi ngomsele njengoba esele nesikweletu sika-R7 million.
“Baphuma abaxhasi abaningi abase bengithembisile, ngasala ngedwa. Abanye baphume ngosuku lomcimbi,” kuchaza uCassper.
UDJ Tira uthe “ibhadi” lakhe kwaba ukusebenzisana neGagasi FM, elalinomcimbi iBeach Festival ngosuku olufanayo nokaCassper.
“Nganquma ukusebenza neGagasi njengabantu abangicela ukuthi ngibasize ngomcimbi. Bangiqasha ngokukhethekile bangangivumela ukuthi kube khona omunye umcimbi engiqashwa kuwo eThekwini. Njengesiteshi enginobudlelwano naso futhi engaqala ukusebenza naso kudala, angibanga nankinga,” kusho uTira.
“Uma leso sinqumo sami singijikela, siyangijikela. Impilo iyaqhubeka. Uma abantu becabanga ukuthi ngiyilo muntu abakholwa wukuthi ngiwuyena, iqiniso lizovela ngelinye ilanga. Akungithusi nakancane okushiwoyo ngoba ngiyazazi ukuthi ngingubani. Labo abanemibono ngami kulungile, impilo iyaqhubeka,” kusho uTira.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe bamqasha kuqala uTira.
“Saba nesivumelwano futhi sokuthi asisize ngokukhangisa umcimbi wethu,” kusho uKhulekani.
Ezinkundleni zokuxhumana balokhu bemtinyele njalo uTira bemsola ngomona. Abanye basabise ngokuduba umcimbi wakhe iFact Durban Rocks ezoba sePeople’s Park ngoDisemba 31.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, uthe uhulumeni kumele umtakule uCassper ngoba ulizuzisile iTheku kufika izivakashi.
“Abahleli bemicimbi nosomabhizinisi bacwila ezikweletini ngoba osopolitiki babathembisa ukubaxhasa bese befaka zonke izinsizakusebenza zabo ngethemba lokuthi bazoxhaswa. Kumele basho zisuka ukuthi kuzokwenzeka noma cha futhi umuntu asho ukuthi akanamandla uzoludlulisa udaba luyokhulunywa emkhandlwini, uma kuwumasipala.”