UMCULI weGqom' ofike kwazwakala ngo-2016 usegcine ephumele obala waphawula ngevideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili eveza yena noDJ Cndo behleba ngamaciko eWest Ink nelungu leBig Nuz uDanger.
Kule video eshuthwe eMoses Mabhida kubonakala uTipcee noCndo, abangaphansi kwe-Afrotainment, bekhuluma bethi kukhona abahlohlanayo futhi uMampintsha uwusathane. IVideo isatshalaliswe uBabes noMampintsha emakhasini abo ezokuxhumana ngoMsombuluko.
NgoLwesibili uTipcee ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram esola lawa maciko ngokuba nomona.
"Uma abantu oncintisana nabo bebona ukuthi usuyingozi kubo; usubhalwa kahle emaphepheni, umenywa ezinhlelweni zethelevishini, ngeke bajabule. Uma sekuvumbuka amavideo amadala agcwale ezinkundleni zokuxhumana, indlela yabo yokuziphindeselela leyo. Indlela yabo yokuvikela into abazitshela ukuthi 'eyabo'. Abathandi uma usuphefumulela emqaleni yabo, sebezwa ukuthi uyasondela. Kunalokho bazama ukukuvalela ngaphandle. Hhhayi ngoba uyisitha sabo, kodwa ngoba abathandi ukubona abanye abantu benza abakwenzayo," kubhala uTipcee.
Uqhube wathi uma ekhombisa impumelelo yakhe njengokuthenga imoto, nabo babanogqozi lokukhombisa abalandeli babo ukuthi bazuze okungcono kunaye.
"Bathi unomona kodwa wena uzenzela into yakho. Sinamavideo abucayi abo! kodwa ngeke siziphathe njengabo. Khula ngane emnyama. Kuyoze kube nini sivalelana ngophandle. Kubalandeli bami, ngiyaxolisa ukuthi le video esabalele ezinkundleni zokuhxumana idicilela phansi igama lenkampani. Ngiyathembisa ukuqhubeka ngisebenze kanzima ukunijabulisa ngo 2018.
A post shared by tipcee_(@tipcee_) on Jan 10, 2018 at 2:25am PST