OBENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSthandwa Gama, kuzomele aqhubeke nokubheka ikhaya elisha lezokusakaza uma esenothando emuva kokuthi iVuma FM ingamnikezanga inkontileka.
Kuke kwabikwa ukuthi uSthandwa usekwiVuma futhi ubezwakala ezinhlelweni ezehlukene.
Ubeshintshwashintshwa njengoba bekwenzeka nakwabanye abasakazi ukubheka ukuthi bazotshalwa kuphi uma sekwenziwa izinguquko.
“Cha, akayitholanga inkontileka,” kusho uTee van Heerden, okhulumela iVuma FM.
Ubebuzwa emuva kokudalula uhla oseluqinisekisiwe lwabasakazi nezinhlelo asebezozishayela.
Uthe ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto kungena uLinda The Game , Phindi K noGabriel Sithole, ngo-9 kuya ku-12 uVanessa Marawa, 12 kuya ku-3 uNanda Goodbooi, ngo-3 kuya ku-6 uLekomotion, Jacinta Ngobese noBig Mike, ngo-6 kuya ku-7 uPatricia Malemia, ngo-7 kuya ku-8 uMenelisi bese kuthi ngo-8 kuya ku-11 uNomfundo Mkhize.
UMenelisi ungena ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu, ngoLwesine uLaconco bese kuthi ngoLwesihlanu uGabriel Sithole nezemidlalo.
Ngezimpelasonto uLucky Sefatsa, Sne Mkhize, David Ramputa noVusi Letsoalo.
UTee ubuye waveza ukuthi njengoba bekhangisa isikhala somphathi wezinhlelo, yingoba osengamele uPatrick Bogatsu usezojoyina iRise FM, eMpumalanga.
IRise neVuma yiziteshi zandawonye kanti uBogatsu uzoba wumphathisiteshi nowezinhlelo.
“IRise FM idinga ukuthi uPatrick azoqala emsebenzini ngokukhulu ukushesha ngakho senza konke okusemandleni ukuthola umuntu ofanele ozongena esikhaleni sakhe,” kusho uTee.