UBUYELA kwithelevishini umpheki owaziwayo uSiba Mtongana, njengoba ezoba yijaji ohlelweni olusha ozoqala esiteshini iHoney (DStv Channel 173) kusuka ngenyanga ezayo.
USiba, oke waba nohlelo lwethelevishini iSiba's Table, uzobe eyijaji kwiHouse of Chefs. Ukujaja ohlelweni lokupheka uzobe engakuqali njengoba eke wenza umsebenzi ofanayo ohlelweni lwakuFood Network iChopped South Africa.
"Ekugcineni imfihlo ebese igcinwe isikhathi eside isiyavela, ngibuyela kwithelevishini nohlelo olusha," kusho uSiba ekhasini lakhe leTwitter.
"Ngiyijaji ohlelweni iHouse of Chefs, uhlelo olusha lokupheka oluhlanganisa abantu base-Afrika kwiHoney lapho abapheki abayisishiyagalombili bakuleli lizwekazi bezobe bencintisana khona ekhishini."
Abazobe besemncintiswaneni bazobe bebanga umklomelo wokusebenza isikhashana endaweni yokudla kaSiba, iSiba The Restaurant, eseTable Bay Hotel, eKapa ngaphansi kobuholi bakhe kanjalo nemali engukheshi engu$5 000 (imali elinganiselwa kuR72 770).
Abapheki abayisishiyagalombili abazobe bebanga umklomelo nguTobe (Nigeria), Ingrid (Rwanda) Thabo (South Africa), Merry (DRC), Joseph (Ghana), Ruth (DRC), Kalu (Zambia), noLes (Kenya).
Uhlelo luzokwethulwa nguSheilah Carol Gashumba wase-Uganda.
IHouse of Chefs izoqala ukukhonjiswa kusuka ngo-Agasti 13 ngo-9 ebusuku.