UMSAKAZO iGagasi FM uyaqhubeka nokulahlekelwa ngabasebenzi bawo abaqavile ngenxa yezinsolo ezithinta imiholo engagculisi.
Lo msakazo usuke walahlekelwa yizinkakha ezifana noShawa Biyela, Sandile Mevana, Ayanda Melansi, Vusi Zondi nabanye.
Esigamekweni sakamuva lo msakazo ulaxazwe nguNomfundo Mlaba obefunda izindaba. Usule isigubhukane wagcina ukusebenza ngoLwesihlanu.
Ukusula kwakhe kuqinisekiswe ngokhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu.
Mayelana nezinsolo zokuthi uNomfundo ushiya nje kungenxa yokungagculiseki ngemali ayiholayo, uShandu uthe: “Ngeke ngaphawula ngomholo ngoba lolo daba luphakathi kwakhe nesiteshi.”
UShandu uthe ugcine ngoLwesihlanu uNomfundo kwiGagasi FM.
Imithombo epotshozele Isolezwe ngeSonto lolu daba ithe indaba yemali idale ukuthi ahambe uNomfundo.
“Uyawuthanda umsebenzi kodwa indaba yokuhola imali engagculisi ibimkhinyabeza umoya wakhetha ukushaya isishwapha sakhe,” kusho umthombo.
Umthombo wesibili uveze ukuthi ubeqashwe ngenkontileka ephela ngenyanga ezayo. Ukwesula kwakhe isigubhukane kwethusile kodwa futhi bekungakazeki kahle noma ibizovuselelwa yini noma cha.
Uqhube wathi ngolwazi onalo uNomfundo uthole amadlelo aluhlaza enkampanini yamaphephabhuku eseThekwini nokwenze agcine ukuzwakala emoyeni ngoLwesihlanu.
Ethintwa uNomfundo ngalolu daba uthe ngeke akwazi ukuphawula.
“Ngingumsebenzi layikhaya ngicela nikhulume nabaphathi bami,” esho ehleka.