UGCINE ewushintshile umqondo umsakazi we-East Coast Radio ngoLwesihlanu olwedlule othe uyawushiya umsebenzi.
Ngeledlule uBongani Mtolo utshele Isolezwe ukuthi ukungavumelani ngemali nabaphathi bakhe yikhona okudale ukuthi ligqashuke igoda phakathi kwabo.
UBongani usakaza uhlelo lwantambama - East Coast Drive with Bongani and Mags - olungena ngo-3 luphele ngo-6.
Izolo i-East Coast ikhiphe esinye isitatimende yathi bahlangene noBongani imbuza ukuthi usengakwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngoba abakafaki muntu esikhaleni sakhe kodwa ngeke ube khona uchatha uma esafuna ukuqhubeka. Babe sebevumelana ngenkontileka entsha yeminyaka emibili nemali ebekwe yi-ECR.
UZane Derbyshire, ophethe izinhlelo, uthe uBongani ukhethe ukusihoxisa isicelo sakhe sokushiya.
“Sijabule kakhulu ukuthi uBongani ugcine enqume ukuqhubeka nathi. Ungumuntu onethalente futhi othandwa kakhulu ngabalaleli bethu. Okumnandi wukusebenza naye futhi usibeka phambili isiteshi kuzo zonke izinto azenzayo,” kusho uZane.
UBongani uthe bahlangene naye ngoMsombuluko wababuza ukuthi isivumelwano sabo abakhulume ngaso sisame lapho yini. “Simtshelile ukuthi asikashintshi. Wonke umuntu uphume ejabulile yingakho eqhubeka nomsebenzi,” kusho uZane.
UBongani uthe ngemuva kokucubungula isicelo sakhe sokushiya namathuba akade ekhona ubone kungcono abuyele.
“Ngibonile ukuthi akusona isikhathi esilungile sokushiya. Ngisebenze kanzima ukuze ngifike la ngikhona manje. Kusekuningi engifuna ukukuzuza,” kusho uBongani.