INKAKHA yomlingisi uBaby Cele ithe yize ukulingisa ikuthanda kodwa isikhethe ukugxila kakhulu ekubeni umelaphi.
UBaby uthe ngisho izinkampani aqopha nazo manje uyazazisa ukuthi zingamniki isikhathi esiningi ekuqopheni ngoba esefuna ukuchitha isikhathi esithe xaxa emsebenzini wakhe wokwelapha.
UBaby ubekhuluma neSolezwe njengoba engomunye wabalingisi efilimini eqoshwa inkampani yase-USA i-OCTET Productions, nezokhonjiswa kwiBET ethi A Wesley South African Christmas.
Le filimu eqale yaqoshwa e-USA bese izoqedelwa eThekwini, kuzobonakala kuyo abalingisi bakuleli okukhona kubo uBheki Mkhwane, Jesse Suntele, Ayanda Bandla, Dineo Langa, Bohang Moeko, Trevor Gumbi noNay Maps.
“Kule filimu ngilingisa indawo kaNomusa Dlamini oshade noVusi Dlamini (Bheki Mkhwane) abanamabhizinisi. Kuyona bafikelwa izivakashi ezingumndeni wakwaWesleys, ezizochitha uKhisimusi nabo. Kuyona kuzobonakala kakhulu kuhlangana izinhlanga zifundisana ngamasiko azo kanye nokuhwebelana emkhakheni wamabhizinisi abakuwo. Ubumnandi bale filimu bulapho nje, nakanjani abantu bazoyijabulela,” kusho uBaby.
Uthe yize eneminyaka kulo mkhakha futhi esenze amafilimu neziteshi ezehlukene kodwa kumjabulisile ukuqopha lena njengoba kusho ukuya kwemidlalo yakuleli phesheya kwezilwandle.
“Ukulingisa ngisazobonakala kukhona, kuningi futhi engisazokwenza kulo mkhakha. Kodwa ngingasho ukuthi isikhathi esiningi sengizosichitha emsebenzini wami wedlozi ngehlise ngapha, ngeke kusafana nasekuqaleni. Iminyaka engu-20 ngathwasa kodwa bengingakhulumi ngakho. Manje ezinyangeni ezinhlanu kuze kube manje ngikhethe ukugxila kukhona, futhi ngijabule,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngaphandle kwefilimu umatasa nomdlalo Ishaka Ilembe njengoba kulungiselelwa isizini yesibili azobonakala kuyo.
Uthe kukhona nomunye umdlalo wakuleli amatasa kuwo kodwa akakwazi ukudalula okwamanje ukuthi yimuphi.