ABANTU bangalindela ukuthi ukuzalwa yingwazi yomculo i-jazz, uHugh Masekela ongasekho, kungakuvulela amathuba amaningi empilweni. Kodwa indodana yakhe, uSalema Masekela, kwenzeka okwehlukile. Ukuba yindodana yale nkakha kumfakela enkulu ingcindezi.
“Ayikho into engike ngayizuza ngoba nakhu ngisetshenzelwe yigama likababa. Bengizama ngayo yonke indlela ukuthi abantu bangazi ukuthi ngubani ubaba wami.
“Uma kwenzekileke bazitholela, mhlawumbe bazi isibongo bese bengibuza, bengibatshelake iqiniso,” kusho uSalema odume ngelikaSal.
“Angikaze kodwa ngilisebenzise (ukuzuza ngalo igama) ngoba angikaze ngicabange ukuthi yinto yokusetshenziswa. Bengihlezi nokuthi udumo lukababa ngolwakhe, hhayi olwami.
USAL Masekela exoxa ngomsebenzi wakhe wokuba yinxusa leBallito Pro 19 esongwe eBallito, eThekwini ngeSonto Isithombe: MALIBONGWE MDLETSHE
“Nguye obenza umculo futhi elwela amalungelo, hhayi mina. Mina bengingumlandeli nje walokhu ayekwenza, njengabo bonke abanye abantu. Angikaze ngiyisebenzisele ukuvula iminyango, ikakhulu emkhakheni wokuntweza ngamagagasi, abantu bebengamazi njengasemculweni.”
USal akagxilile emculweni njengoyise. Igama lakhe ulakhe ngokuba yintatheli yezemidlalo nomsakazi nomethuli wazo.
Ugxile emidlalweni ebizwa ngama-extreme sports ngenxa yokuthi ukhule enza umdlalo wokuntweza ngamagagasi (surfing).
“Ngicabanga ukuthi ngasheshe ngabonakalisa ngisemncane ukuthi nginaso isiphiwo (emculweni) kodwa bekuba nengcindezi eningi uma abantu sebethola ukuthi ngubani ubaba wami, noma othisha bami bomculo, bebevele balindele okukhulu, okuhlukile kunezinye izingane,” kusho uSal.
Kuyimanje uyinxusa leBallitoPro 2019 esongwa kusasa eBallito.
@SalMasekela @IsolezweNews @IOLsport yes SAL = Sports All Lives as he talks to Isolezwe about his ambassadorship for #BallitoPro19. What a spot #BraHughLivesOn in this fellow pic.twitter.com/1wxitOsGeU
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) July 3, 2019
Nakuba engagxilile emculweni kodwa ukhona kuwo kwazise unebhendi ebizwa nge-Alekesam, okuwukuphendukezela isibongo sikaMasekela.
“Bengihamba naye (ubaba) nje isikhathi esiningi ngihlezi ngizungezwe ngumculo. Ngikhule ngangena ebhendini futhi ngicula ngidlala ne-saxophone,”kusho uSal.
Ukhule eNew York. Uthi ukuthandile ukukhula khona ngoba ubehamba noyise emngenisa emakilabhini e-jazz.
“Besisichitha kanjalo isizungu ngiseneminyaka eyisithupha. Abanye abantu izingane zabo bebeziyisa emapaki kodwa mina ubaba ubengiyisa emakilabhini e-jazz.”
Ngo-2010 uSalema ubesakazela isiteshi saphesheya sezemidlo, i-ESPN i-2010 Fifa World Cup esebenzisana noyise.
USal uqale ukuvakashela eNingizimu Afrika eneminyaka engu-19 njengoba manje esenengu-47 ubudala.
“Ngiyathanda eNingizimu Afrika, okuningi engikwenzayo manje ngizama ukuqinisa ubudlelwane bami naleli lizwe.
“Ngisanda kuzovula itshe likababa nje, uzokhumbula. Namanje ngiyazama emisebenzini engiyenzayo ukusondela kakhulu eNingizimu Afrika,” kusho uSal.
Phezu kokuba le ndoda isiqinile kodwa ithe ayikaganwa nabantwana ayinabo.
“Umkami usekhona la ngaphandle, ngisazomthola. Abantwana anginabo. Ngifuna ukuthi uma sengikwenza, ngikwenze konke kanye,” kubeka uSal.