NGONYAKA odlule ngesikhathi iSABC3 yenza umncintiswano wokubheka abethuli abasha bezinhlelo, iPresenter Search on 3, akekho owayazi ukuthi kuzothathwa abayisithupha abaphambili.
Kwakubhekwe ukuthi kuzothathwa abathathu kodwa abadidiyeli bathatha uFezile Mkhize, Harmony Katulondi, Palesa Tembe, Ryle De Morny, Thabiso Makhubela noMosa Kaiser.
UPalesa, waseMlaza, eThekwini bamjuba kwi-Afternoon Express engena ngo-4.30 kuya ku-5.30 ntambama phakathi nesonto.
“Ngijabule kakhulu futhi ngihlangana nabantu abamangalisayo ngaso sonke isikhathi. Ngifunda ngaso sonke isikhathi futhi manje sengiqala nokuzethemba,” kusho uPalesa.
Le ntokazi (28) ayisagcini kuphela ngokwethula lolu hlelo kodwa ingomunye wabadidiyeli bokwenzeka kulo.
“Ngenza ucwaningo ngezihloko ezahlukene bese ngiphinde ngibheke nezivakashi. Ngiyakhula.”
UPalesa uthe kusuka ekhula wayezifela ngezokungcebeleka ngoba wayevele ame phambi kwetheleivishini alingise okuvela khona. Abazali bakhe nabafowabo abane babevele bamsuse bekhala ngokuthi uyabasitha.
“Emndenini wami yimi ngedwa intombazane. Siwumndeni omncane osondelene futhi okholwayo.”
Uqhube wathi ngendlela abasondelene ngayo nomndeni wakhe uyameseka kukho konke futhi abafowabo bayamshayela ucingo bamchushise kokuthile.
“Umfowethu uyangifonela athi kungathi lezi zicathulo usiziqgoke okwesithathu kuleli sonto.”
Uthe wakhula eziphethe kahle kodwa ephaphile, ethanda nokukhuluma nokuhleka.
“Impilo yami yonke bengifuna ukungena kwezokungcebeleka.”
Ngemuva kokuqeda umatric, eThomas More College eKloof ngo-2008, udlulele eRhodes University lapho enze khona izifundo ze-drama ne-psychology.
“Ngithe sengiqedile ngabe sengiya eGoli ngayohlala khona iminyaka emithathu ngiyozama impilo. Yilapho ngiqale khona ukulingisa ngangena kwiSibaya ngathola indawo encane kaKim owayengumngani omkhulu kaZama (Linda Mtoba).”
Uthe manje uphila impilo ayephupha ngayo ngoba wenza akufunayo.
“Uyazi uma iphupho usulifezile uye ufise ukukhula. Manje sengifuna ukungena emsakazweni futhi ngifuna ukubuyela nasekulingiseni. Ngifuna ukusabalala naphesheya kwezilwandle ngoba abantu bakhona kumele balibone ithalente lethu.”
UPalesa uthe nabanye abantu abasha, njengoba kugujwa inyanga yabo nje, kumele bagqugquzelwe ukuthi akukho okungabavimba ukufeza amaphupho abo.