ICIKO uSho Madjozi lithi kuyalijabulisa ukuthi libe wumuntu omusha ngalesi sikhathi emuva kokuqokwa libe ngumculi ovelele ngabe-Apple Music.
USho Madjozi usezakhele olukhulu udumo kubathandi bomculo eNingizimu Afrika nangaphandle ngezingoma zakhe, ukuziqhenya ngobuyena nangokuba nomdlandla uma esesiteji.
Ekupheleni konyaka odlule ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ebibhekwe ngabomvu ethi Limpopo Champions League.
I-albhamu ibophele izingoma okubalwa kuzo iHuku ayicula nasemcimbini iGlobal Citizen Festival: Mandela 100 ekuqaleni kukaDisemba, Wakanda Forever apike kuyo umculi waseNigeria uYcee, Wa Penga Na?” ayishaya nomrepha uKwesta nezinye.
“Kwaze kwaba yisikhathi esimnandi sokuba mncane e-Afrika nokuphila ngesikhathi seGqom! Ngijabule kakhulu ngokuthi ithimba le-Apple Music liyayithakasela le nto njengathi. Kuyisibusiso ukuba wumculi abamqhakambisayo. Ngijabule kuthi angikhale,” kusho uSho.
Ukuqokwa kwakhe njengomculi ovelele ohlelweni i-New Artist Spotlight kusho ukuthi wuye abazobe bemqhakambisa.
Kuhlale kuqhakanjiswa abaculi abahlukene abasha okuthi uma ungena kwi-Apple Music kuvele bona kuqala.
Abanye abake baqokwa phambilini ngoSimmy, Thandi Ntuli, Sun-El Musician, Shekhinah, Shane Eagle, Sketchy Bongo, Amanda Black, Babes Wodumo, Sipho The Gift, nabanye abaningi.
Igama likaSho langempela nguMaya Wegerif. Uqale ukugqama ngesikhathi epikwe ngu-Okmalumkoolkat engomeni ethi Gqi.