UMCULI wekwaito uProfessor uthe uzokwenza okungajwayelekile akhiphe ama-albhamu kulandelana angeqisi nyaka.
Ngokujwayelekile, lo mculi ubeqisa iminyaka emibili ngaphambi kokukhipha i-albhamu. Uma engakhiphi ubededela izingoma ezihamba ngazodwa.
“Njengamanje nginengoma entsha engiyikhiphile ethi Sobabili engiyenze noNomcebo. Abaningi bazomkhumbula ngengoma ethi Emazulwini kaGanyani. Ngimazi kudala mina beseneqembu iThuledu,” kusho uProfessor.
Uthe le ngoma yakhe, ekhuluma ngothando, ilandela iBrand New ayeyishaye noFey.
“Abantu bathanda kakhulu uma ngicula nabantu besifazane. Yingakho iBrand New yenza kahle kakhulu kangangokuba i-video yayo kuYoutube isibukwe izikhawu ezicela ku-6 million,” kusho uProfessor.
Uthe uthando olukhonjiswa ngabantu ngengoma yakhe entsha yilo oluzokwenza ukuthi akhiphe i-albhamu ephelele ngoba izingoma unazo.
“Awusakwazi ukuvele ukhiphe i-albhamu nje manje. Kumele uqale ukhiphe izingoma ezimbili noma ezintathu uzwe ukuthi abantu bathini. Uma bezithanda yilapho uzokhipha khona i-albhamu. Ngizimisele ngokukhipha enye kodwa kuzoncika kubantu.”
Ekuqaleni konyaka odlule wakhipha ethi Composed By Jesus Christ.
Uthe izingoma asezenzile upike abaculi abahlukene abasenkampanini yakhe iProper Files okubalwa kubo * -Emza futhi kukhona nezinye ezishaya ngesigqi samapiyano.