KUBUKEKA zimhambela kahle izinto umculi ogqame esekhulile, uGawulezakhe “Sphuzo Sabantwana” Mbili. Sekuvele ukuthi uzolingisa kwifilimu yaseNingizimu Afrika entsha, Imali Emnyama.
USphuzo umenyezelwe njengomunye wabalingisi abazodlala kule filimu eqala ukuqoshwa kusasa yiZero to Hero Casting Agency. Uzosebenzisana nabalingisi abaziwayo okungoNdumiso Dlamini owaduma kwiFamily Bonds nakwiMbewu: The Seed, Mzwandile Ngwenya owake walingisa kwiSibaya nabanye.
Uthe kumjabulise kakhulu ukuthi uzolingisa ngoba uzobe eqala.
“Kuzobe kuyithuba lami lokuqala ekulingiseni ngoba angikaze ngilingise. Ngijabule kakhulu ngokwenzeka empilweni yami ngoba izinto zibukeka zingichuma muva nje. Nomculo wami usuhlangene, sekusele ukuthi uqale usatshalaliswe kubantu,” kuchaza uSphuzo.
Uthe okunye okumjabulisile kakhulu ukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bumakhele indlu.
“Kumanje indlu yami isiyaphela ukwakhiwa kanti sekuphelile ukumiswa kodonga sekusele ukuthi kufakwe uphahla. Izinto ziyenzeka manje empilweni futhi ngijabule kakhulu. Ngisho nabangani bami bayangijabulela ngokwenzeka empilweni yami,” usho kanje.
Imenenja kaSphuzo, uSakhile Cele, ithe sebethunyelelwe nombhalo wefilimu ngokuzokwenziwa wuSphuzo.
“ Okusijabulisayo ukuthi akashintshiwe ngisho negama uzolingisa ewuSphuzo nje kwifilimu. Udlala indawo yokuba wumakhelwane kaBhazuka abavela bexoxa naye ngendlela akhuluma ngayo uma enabangani bakhe. Okuningi anginakho ngefilimu ngaphandle kwendawo ezolingiswa wuSphuzo. Engikwaziyo ukuthi isiqephu sakhe uzosishuthela eNdwedwe,” kusho uSakhile.
Le menenja ithe kuyabajabulisa okwenzeka empilweni kaSphuzo futhi bayabona kukhulu okuzayo empilweni yakhe.
Indlu uyakhelwe ubuholi be-ANC, KwaZulu-Natal okubalwa uNksz Nontembeko Boyce, Mnuz Jomo Sibiya nabanye.
IZero to Hero Casting Agency, enike uSphuzo umsebenzi wokulingisa, yinkampani kaMike Ndlovu esineminyaka ewu-17. Isikhiqize amaciko amaningi phakathi kubalwa, uSipho Manzini onguMjekejeke kwiThe Queen, Luyanda Potwana weNyan Nyan kuSABC1, Sana Mchunu weGomora, Nkanyiso Mchunu onguNkululeko kwiMbewu: The Seed nabanye.