NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona usunesikhathi esingakanani ukulona?
SZ: Ngiyilungu lokuqina lebandla laseZayoni elibizwa ngokuthi uMthombo Wokuphila. Senginesikhathi ngikhonza kulona futhi kuningi okuhle engikuthandayo ngalo.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kweyakho impilo usho ukuthini umkhuleko?
SZ: Kimina umkhuleko uyinto emqoka ngoba njalo uma ngimnxusile uNkulunkulu ngokuthile uyangibusisa ngakho. Ngakho ke ngikholwa ukuthi umkhuleko unamandla amakhulu kweyami impilo.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elibanzi ngabe yiziphi izinto ezimbili osuzizulile obonga uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo?
SZ: Okukuqala nje ngithanda ukumbonga uNkulunkulu ngokungibusisa ngethalente lokucula okuyilona elidala ukuthi ngikwazi ukubheka ikhaya. Okwesibili ngithanda ukumbonga ngokungigcinela umama ongizalayo.
NC: Eminyakeni emihlanu ezayo kumbe ke eyishumi ezayo ngabe yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo futhi isho ukuthini kweyakho impilo?
SZ: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngikwazi ukuqala amabhizinisi futhi abonakale edlondlobala. Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu nakanjani uzongibusisa ngalokho inqobo nje uma ngimethemba.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima oke wabhekana naso empilweni yakho ombongayo uNkulunkulu ngokukugcina ngesikhathi usabhekene naso futhi kwakwenzenjani?
SZ: Yebo mina esikoleni angizange ngiqede ngenxa yezimo ezithile ezazingiphoqa ukuthi ngingasiqedi isikole. Kodwa uNkulunkulu emuhle namhlanje ngiyakwazi ukuziphilisa. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi waba nami nangaleso sikhathi esasibonakala sinzima kakhulu.
NC: Ngabe likhona ivesi elilotshiwe embhalweni oNgcwele olithandayo nelikunikeza amandla uma ulifunda. Uma likhona litholakala kuyiphi incwadi futhi lisho ukuthi kuwena?
SZ: Yebo ngithanda ivesi elitholakala kuMathewu elikhuluma ngokuthi sonke thina esisindwayo masisondele kuNkulunkulu ngokuba unamandla okusiphumuza. Kimina leli vesi lisho lukhulu futhi njalo uma ngilifunda ngizizwa nginamandla amasha.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngabe iyiphi into obonayo ukuthi uNkulunkulu wakwenzela umusa ngayo?
SZ: Ngiyohlale ngimbonga uNkulunkulu ngokuthi ingoma yami yahlukanisa unyaka emsakazweni omkhulukazi Ukhozi FM.