KUHLUKENE imibono ngokungena kwengoma yomculi kamaskandi osafufusa uMzukulu, (osesithombeni) ingoma yakhe eyaziwa ngokuthi Dali Wami esohlwini lweziyishumi ezizovotelwa, emsakazweni Ukhozi FM.
Izolo lo msakazo udedele izingoma eziyishumi eyodwa yazo ngo-31 Disemba, ezodlala ngo-12, ebusuku, ingenise abantu ku 2019.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhombise ukujabula ngalezi zingoma ezikhethiwe kodwa abanye bebekhala ngeyalomaskanda wakwaCeza, bethi ingoma yakhe indala.
Iningi liveze ukuthi le ngoma eke yaduma ezinkundleni zokuxhumana abantu benza ngayo iChallenge eyayibizwa ngokuthi i-Walk yamabhinca, iphume ngo-2017 akuyona eyalo nyaka.
Kodwa abanye yize kunjalo bese beqalile ukuyivotela, bekhuthaza ukuthi nakulo nyaka amabhinca awenze okwenzeka ngo-2016 kungenwa ku-2017, lapho uMroza Fakude ahlukanisa khona unyaka ngengoma yakhe ethi Van Damme.
Ithwasa Lodumo Kwaqubuka Thabethe uthe, thina asimazi uMzukulu ngakho asivoti, sovotela uDladla Mshunqisi.
UThemba Kalashnikov Meso uthe, asivoteni sivote kakhulu
UTsatsatsa Prince Mbhele uthe, hamba Mzukulu mina ngiyajabula ngiyibhinca laselokishini.
Ezinye izingoma ezikhona kuloluhlu zimi kanje:
A Dladla Mshunqisi -Amalukuluku
B Manqonqo- Eyadini
C Prince Kaybee ft Busiswa- Bonomoya
D Mzukulu-Dali Wami
E King Monada-Malwendhe
F Vusi Nova-Asiphelelanga
G Mlindo the Vocalist-Macala
H Master KG ft Zanda Zakuza- Skeleton Move
I Abathandwa- Moya Wami
J Malumez on Decks-Shayi Number
Uma ufuna ukuvota ungathumela igama, ingoma nohlamvu lofuna ukuyivotela ku-33665.
Lo msakazo umemezela lezi zingoma nje Isolezwe lihoshe umoya othi ziyaqala izinguquko ezaziwa ngokuthi Siyayijika Lento, ngoMsombuko.