UJABULISA okwengane encane umrepha wakuleli oke wazama ukuzibulala, uGigi Lamayne, njengoba emenywe emcimbini omkhulu wamaciko ozoba sedolobheni i-Amsterdam, eNetherlands, ngo-Okthoba.
UGigi umenywe emcimbini i-International Music Concert lapho kuzokhulunywa khona ngezinto ezehlukene ezithinta umculo.
Lo mcimbi uhlelwe i-ADE Beats.
Ekhuluma neSolezwe, uGigi Lamayne, uthe lokhu kusho lukhulu njengoba kuke kwaba nzima empilweni yakhe.
“Impilo yami ike yaba nzima kodwa umndeni wami ube nesandla esikhulu ngesikhathi ngibhekene nobunzima obacishe bathatha impilo yami. Kulo mcimbi angiyile nje ukuyohlangana nabantu abahlukene kodwa ngizofike nginandise ezindaweni ezehlukene,” kuchaza uGigi.
Uthe uyathemba ukuthi uzobuya nokuningi njengoba ekhethwe emacikweni akuleli wathi ulwazi azoluthola luzomsiza emculweni.
“Ngine-albhamu ezophuma ngonyaka ozayo, engingangabazi ukuthi ulwazi engizoluncela luzongisiza ekuyiqedeni njengoba ngimatasa nayo.
“Ngikulungele ukuya kulo mcimbi, ngiyathemba ukuthi nabangibizile bangilindele futhi okukhulu ukujabulisa abantu kulo mcimbi,” kuchaza uGigi.
Le ntokazi ibongelwe abaningi ngokuvelelwa ileli thuba.
Lo mcimbi usuhanjelwe abaculi abadumile emhlabeni okukhona kubo uDave Free odume ngelikaTop Dawg, Khady Thiam Gueye, Paul Devro, Austin Daboh no-Ashanti.